Uqine idolo osohlwini loKhozi FM

2375
UNtencane ufakwa umdlandla wukwesekwa ngozakwabo kumaskandi

MTHOBISI SITHOLE

UPHUPHUMA injabulo ngenxa yokwesekwa 

ngozakwabo kumaskandi umculi oshisa izikhotha – yize engakaqedi neminyaka emibili ezimele – okuholele ekubeni aqokwe ohlwini lwezingoma eziwu-10 ezibangisana ukuhluka-nisa unyaka oKhozini FM. 

USenzo “Ntencane” Zondi (29) waseShane, eGreytown, uthi akukho okuyisibusiso kuyena ukwedlula ukubona abaculi bakamasikandi bephumela obala bemeseka, kwazise umculo wabo unezinhla-ngothi eziphikisanayo. 

Ingoma yakhe iqhathwe nezabaculi abathandwayo futhi abanye babo asebenegama emculweni, okubalwa kubona uDJ Zinhle (osesithombeni) ovuke ngengoma evuthayo ethi “Umlilo”. 

UNtencane uthi nakuba bekhona abaculi abazilwelayo nezimbangi zabo kumaskandi, kodwa 

ujatshuliswa wukuthi labo baculi sebetshele abalandeli babo ezinkundleni zokuxhumana ukuba bameseke ngoba ukuqokwa kwakhe kusho ukuqokwa komasikandi bonkana. 

“Ingizacise kakhulu le ndaba yohlelo lokuphakanyiswa kwezingoma ngoba bonke ozakwethu bebelifisa leli thuba futhi-ke 

nezinga lokucula kubaculi lenyukile kulo nyaka. Benginovalo lokuthi ingoma yami ingaphazanyiswa ngekaGatsheni ethi “Singamabhinca” ngoba inamandla nayo,” kusho uNtencane. 

Lo mculi uqokwe ngengoma ethi “Wawuthembeni”, ethandwa kakhulu ngabathandi bomculo – ikakhulukazi bakamaskandi – kanti nguyena yedwa umasikandi 

oqokiwe. Ungena emculweni nje, ubesebenza ematekisini eminya-keni edlule, kanti kuzothi ngo-2010 adibane noSbongiseni “Mjikije-lwa” Ngubane (ongasekho) erenki yamatekisi eKranskop. Uthi uMjikijelwa wayecula kule renki, 

emaketha umculo wakhe wabe esezethula kuyena, wamazisa ngothando analo lomculo. 

“Siqale lapho ukuxhumana waze wanginika nomculo wakhe ukuba ngimdayisele uma ekhiphile. Kuqine lapho ukuxhumana kwethu, kwathi ngo-2012 wathi mangiye kubo KwaMaphumulo ngimuvakashele ukuze sizokwazana kangcono. 

“Ngo-2013, ungibize eGoli 

wangi-tholela isitifiketi sokuba ngunogada ukuze ngizogida kuyena, ngakolunye uhlangothi ngibambe itoho,” kusho uNtencane. 

Uthi esefikile eGoli, uMjikijelwa wathi makacule ukuze amuzwe, wabiza zonke 

izinsizwa afika esebenza nazo. Uthi emuva kwalokho, wavele wathi sezixazululekile izinki-nga zakhe ngoba 

usezosebenzisa yena (uNtencane) uma kunemicimbi efuna kuculwe bukhoma. 

“Ngokushona kuka-Mjikijelwa, ngibone ukuthi mangingene emculweni, ngibambe ushuni wakhe,” kusho uNtencane. Le nsizwa isakhiphe i-albhamu eyodwa nje vo, ephume ngoNcwaba (August) kuwona lo nyaka, ethi “Uboya Enkomeni” okuyiyona equkethe ingoma yodumo. Nyakenye iqophe izingoma ezimbili izwa amanzi ngobhoko, okuyizona eziyiveze kubantu. 

Le albhamu iyenze ngaphansi kwe-Amon Music kaMnu Norman “Sxhobo” Mpungose owaziwa kakhulu ekuvumbululeni 

uMtshengiseni “Ndidane” Gcwensa. Ezinye izingoma eziqhudelana nekaNtencane yilezi: (A) Forever – DJ Sithelo ft Skye Wanda; (B) Umlilo – DJ Zinhle ft Mvzzle & Rethabile; (C) Thank You Mr DJ – DJ Tira Ft Joocy; (D) Labantwana Ama-Uber – Semi Tee Ft Miano & Kammu Dee; (E) Akulaleki – Samthing Soweto Ft Sha Sha, Maphorisa & Kabza De Small; (F) Jerusalema – Master KG Ft Nomcebo Zikode; (G) Ibhanoyi – Blaq Diamond; (H) Umona – TNS Ft Mpumi; (I) Wawuthembeni – Ntencane; (J) Kokota – Kaygee Da king & Bizizi Ft noKiller Kau. 

Ukuvotela ingoma uthumela uhlamvu oluseduze kwayo ku-33665 ukuvota kuzovalwa ngo-13h00 mhla ka-31 kuZibandlela (December)

mthobisis

@ilanga-news.co.za 

Previous articleuzofihlwa e-cramond “obulewe yiphoyisa”
Next articleYingwe nengonyama koweBucs neDowns