THANDI ZONDI
UQINISE idolo abathandi bemidlalo kamabonakude umakadebona kwezokulingisa, uVusi Kunene (osesithombeni), wathi amaphaphu phansi, ngeke awushiye lo mkhakha njengoba esanda kushiya emdlalweni, iHouse of Zwide, odlala ngo-19h00 phakathi nezinsuku ku-e.tv.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto. uthe: “Kakukho okubi okungenze ngashiya, bengidinga ushintsho. Kangikabaleki kumabonakude, ngisekhona,” esho.
Echaza ngendawo kaFunani abeyilingisa kwiHouse of Zwide, uthe imjabulisile. Ubengumuntu oyinsika onenkampani iHouse of Zwide, engumsiki wengqephu onohlonze, eshaya imisiko ephambili. “Bekungeyomuntu onamandla, ongubaba futhi onomndeni, umuntu obezimisele ukwenzela umndeni noma ngabe yini ngoba ewuthanda. Ngizwe ngikuthanda ukulingisa leya ndawo,” kuqhuba yena.
Uthe isifundo asitholile kulo mdlalo ngesokuvikela abantu obathandayo. Ebuzwa ukuthi ngabe uya kumuphi umdlalo. uthe: “Okwamanje, ngeke ngikuveze lokho. Engingakusho wukuthi ngiyazi ukuthi ababukeli bazoyithokozela indawo engizoyilingisa. Kangiklolodi, kodwa yinto engiyaziyo leyo,” esho ehleka.
Udlulise isiyalo kwabasebasha ekulingiseni, wathi: “Udumo uluthola ngomsebenzi, kawutholi umsebenzi ngodumo. Ungakhohlwa wukusebenza ngokuzikhandla, ululawule udumo,” kusho uKunene.
Le nkakha isilingise iminyaka eminingi kwezikamabonakude emidlalweni okubalwa kuyo iGenerations, iCry the Beloved Country, iThe Line, iShaka iLembe ne-Isibaya.