Uqubule itwetwe umaskanda wase-Eastern Cape emncintiswaneni weQuantum

292

MTHOBISI SITHOLE

UTATAZELISA amaciko KwaZulu-Natal umculi kamaskandi wakuCentane, e-Eastern Cape, ovumbuke esephezulu ohlwini lombango weQuantum kwiMother of All Masikandi Festival, ezokuba mhla ka-6 kuMbasa (April). 

UZama “Tornado” Ntenteni (osesithombeni), uyiciko elidumilei e-Eastern Cape. Ukungena kwakhe ohlwini lokuqala lwamaciko ahamba phambili ngokuvotelwa kakhulu kulo mncintiswano, kunyakazise amaciko amaningi nabathandi bakamaskandi ezinkundleni zokuxhumana. Kuyaziwa ukuthi abantu base-Eastern Cape bayesekana kakhulu uma kunemincintiswano njengoba nowayengumsakazi woMhlobo Wenene, uSaba Mbixane, wayebadlisela ogageni abasakazi boKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe noNgizwe Mchunu, ababesakaza uhlelo lomculo wesintu. 

Ngokuthola kweLANGA, uTornado ukhankaselwa naseziteshini zomsakazo zase-Eastern Cape. Exoxa naleli phephandaba, uthe uzolwela ukungaphumi ohlwini lwamaciko awu-30 ahamba phambili. “Nginovalo ngoba ngiyazi bonke abaculi bayayifuna le moto, kodwa ngizozama ukumela isifundazwe sangakithi,” esho.

Uthe umkhankaso wakhe uwenza emarenke nasemicimbini amenywa kuyona. Utshele leli phephandaba ukuthi i-albhamu yakhe yokuqala wayikhipha ngo-2012, wahlabana ngendondo yeBest Newcomer kumaSatma. Uthe lokhu kwenza azethembe, abone ukuthi angayinqoba nemoto. Ohlwini lwabaculi abebehamba phambili oshicilelweni lwangempelasonto, beziholwa nguGatsheni, kube nguMenzi, Amageza Amahle, uDumakahle, IMfezemnyama noTornado.

Umgqugquzeli walo mncintiswano, uMnu Eric Ngobe, uthe ukuvota kuyaqhubeka kuze kuvalwe mhla ka-3 kuMbasa (April). 

Uhlu olulandelayo luzomenyezelwa ngoMgqibelo ozayo kwiLANGA Lempelasonto nakuKhozi FM. Ukuvotela umculi omthandayo kulo mncintiswano, uthumela umqhafazo obhalwe igama lakhe ku: 44893. 

Lo mcimbi wesekwa wuKhozi FM, yiLANGA nabakwaVIB Mobile.

Mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAbazali mabangafezi amaphupho abo ngekusasa lezingane
Next articleUkuqasha ngokobuqembu kudala ukwethembana kosopolitiki nezisebenzi