URamaphosa uhlangane nabaholi be-ZCC

972

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uhole ithimba longqongqoshe bayohlangana nabaholi beZion Christian Church (ZCC), njengengxenye yokulwa ne-coronavirus, ngaphambi kwesikhathi okuhla-ngana ngaso ingqungquthela enkulu yePhasika minyaka yonke eMoria, eLimpopo.

UNdunankulu waseLimpopo, uMnu Cassel Mathala, ubeyingxenye yethimba ebeliyohlangana nababhishobhi u-Engenas Lekganyane noBarnabas Lekganyane. 

Ihhovisi likamengameli lithe lolu bekuwuhambo lokuyohloni-pha nokubonga emabandleni amaZayoni nokuwabeka esithombeni ngokuthi uhulumeni uyamukela kanjani inselelo yokunqanda ukubhebhetheka kwe-coronavirus nokucela iseluleko ebandleni nokuba kuthandazelwe isizwe kule mpi yeCovid-19. 

NgoMgqibelo eLimpopo bese kuqinisekiswe ukuthi bawu-18 asebenaleli gciwane, ngokusho komnyango wezempilo.

UNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli, uMnu Jackson Mthembu, uthe inhloso bekuwu-kuyobonga ibandla ngokungabi nayo inkonzo yePhasika.

– News24

Previous articleusomizi udalula akuhlosile ngesiteshi se-TV ASISUNGULILE
Next articleUzofihlwa ngoLwesine uJerry Mohlakoane