URamaphosa umile kwelokwamukela igama leSilo uMisuzulu

449

INTATHELI YELANGA

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umile kwelokuthi wathatha isinqumo esifanele ngokwamukela igama leSilo uMisuzulu kaZwelithini njengokuyilona elowayefanelwe wukunikwa ngokusemthethweni isitifiketi sobukhosi bukaZulu. 

UMnu Marumo Moerane omele uMengameli Ramaphosa – ongummangalelwa wokuqala kuleli cala – utshele iNkantolo eNkulu ePretoria lapho kuqulwa khona icala lombango wobukhosi ukuthi umengameli weyenelungelo lokunizekezela ngalesi sitifiketi eSilweni uMisuzulu. 

The uMengameli Ramaphosa wathatha isinqumo esusela esinqumeni seJaji Mjabuliseni Madondo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, elachitha ababephikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.   

Ngakolunye uhlangothi, uMnu uCedric Puckrin omele iSilo – esingummangalelwa wesibili kuleli cala – unxuse inkantolo ukuba izichithe zombili izimangalo zabaphikisa ukuhlala kwaso esihlalweni, okuyisimangalo esifakwe nguMntwana uSimakade kaZwelithini nesifakwe nguMntwana uMbonisi ongumfowabo kayise weSilo – othi akulandelwanga uhlelo olufanele lwasendlunkulu lokuqokwa kofanele ukuthatha isihlalo sobukhosi. 

Ukulalelwa kwezethulo zazo zonke izinhlangothi kulindeleke ukuba kugoqwe kusasa ngoLwesithathu. 

Kusukela kuqale ukulalelwa kwecala ngoMsombuluko, amabutho abephume ngothi lwawo ukuyokweseka iSilo. 

Previous articleAbadayisi bamiswe kabi ngowasePakistan “ongumnikazi” wedolobha laseDonnybrook
Next articleUsatokile owengozi yeloli okwabhubhakuyona izingane oPhongolo