NONHLAKANIPHO SHINGA
UZWAKALISE ukubethemba abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazovotela iqembu lakhe libuyele emandleni, uMnu Cyril Ramaphosa ongumengameli we-ANC ngesikhathi evota eChiawelo, eSoweto namhlanje ekuseni. Unxuse izakhamizi zaseNingizimu Afrika, ezilinganiselwa ku-26 million ukuba zivote kwazise lolu khetho lubaluleke kakhulu.
“Kangingabazi ukuthi i-ANC izobuyela emandleni futhi kangingabazi ukuthi abantu baseNingizimu Africa bazovotela uKhongolose. Kusijabulise kakhulu ukuthi kulolu khetho sibe phezulu isibalo sentsha ebhalisele ukuvota, siyayinxusa ukuthi iphume ngobuningi bayo iyovota,” kusho yena.
Ebuzwa ngokuyiswa enkantolo ngamaqembu aphikisayo amsola ngokusebenzisa isihlalo sikahulumeni ukukhankasa – ngemuva kokuthula inkulumo esizweni ngeSonto ebusuku – uthe uyazi ukuthi kukhona abamaqembu aphikisayo okungehlanga kahle lokho.
“Bekubakulekile ukuthi ngikhulume nezakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuzikhuthaza ukuba ziphume ngobuningi bazo ziyovotela noma yiliphi iqembu ezifisa lengamele izwe. Bekubalulekile futhi ukuthi sivale ihhovisi likahulumeni wesithupha wentando yeningi ngokusemthethweni, obekuyinhloso yaleya nkulumo,” kusho yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-DA iveze ukuthi izolufaka enkantolo yokhetho odaba lukaRamaphosa lokukhuluma nezakhamizi ngobusuku obandulela usuku lokuqala lokuvota. Ithe usebenzise isikhundla sakhe ukukhangasela i-ANC.