URanga ubonga uMdali ngeChiefs

440

Okusha ngekusasa likaBilliat kuBafana basePhefeni

NGURANGA Chivaviro

MFANAFUTHI NDLOVU
UPHUMELE obala ngesizathu esenze waqoma iKaizer Chiefs umgadli obengalibheki ipali kwiCaf Confederation Cup ngesizini edlule, uRanga Chivaviro osuka kwiMarumo Gallants egencwe yizembe kwiDStv Premiership. URanga ungomunye wabadlali abawu-6 abethulwe yiziMpofana ngoMsombuluko, ezihlomela ukuqala isizini ezayo ngegiya eliphezulu. Abanye abethuliwe nguPule Mmodi osuka kwiLamontville Golden Arrows, uGiven Msimango obekwiTS Galaxy, uThatayaone Ditlhokwe oqhamuka kwiSuper-Sport United, uMduduzi Mdantsane obekwiCape Town City no-Edson Garcia waseVenezuela. Ephawula uRanga emuva kokwethulwa yiChiefs, uthe: “Kufezeke iphupho lami.


Ngijabule kakhulu ukuthi ekugcineni ngijoyine ikilabhu engikhule ngizifela ngayo. “Kumnandi ukuba ndawonye nalaba badlali bezinga eliphezulu, engikholwa wukuthi sizokwazi, ngokuhlanganyela, ukuqopha umlando wethu kule kilabhu. Ngiyabonga kakhulu kuNkulunkulu.” UVina Maphosa wezokuxhumana kwi-Chiefs, utshele ILANGA ukuthi bajabule ukuthola abadlali abanamaphupho amahle ngezi- Mpofana. “Sijatshuliswa nawukuthi abalandeli bakhombise ukuthokoza ngabadlali esibethulile. Kumele bangesabi uma kukhona abangakuqondi kahle ukuba basibuze,” esho. Ebuzwa ngamahlebezi athi iChiefs isezingxoxweni zokuvuselelwa kwenkontileka kaKhama Billiat obehlushwa kakhulu wukulimala selokhu wajoyina iziMpofana esuka kwiMamelodi Sundowns kumasizini amathathu adlule uthe: “Lolo daba lungaphendulwa kahle nguBobby Motaung oyimenenja yekilabhu.


“Mina engingakutshela khona wukuthi kunezindaba ezinhle esizozethulela abalandeli bethu ngomhla ka-20 wale nyanga.” Ukhuluma eyomhla ka-20 nje uVina, kubhekwe ukuba kulolo suku bethule uSibongiseni “Ox” Mthethwa okwiBafana Bafana edlala iCosafa Cup eThekwini. ILANGA ngoMsombuluko libikile ukuthi lo mdlali usengoweChiefs, kodwa uzothulwa uma esebuyile ekhempini yeBafana. Imizamo yokuthola uBobby ukuqinisekisa indaba kaBilliat kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa. IChiefs isiqale ikhempu yayo eMbombela, esifundazweni iMpumalanga, kodwa uBilliat akakazihlanganisi nayo njengoba inkontileka yakhe iphele ngoNhlangulana (June) esiphuma kuwona

Previous articleI-CHIEFS INGASE IHLABANE NGOWEBAFANA OPHESHEYA
Next articleUZONCELISA AMAWELE USOMIZI KUMABONAKUDE