Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 URiveiro nesethembiso kubalandeli bePirates

URiveiro nesethembiso kubalandeli bePirates

by | 3 December 2024

NGUMQEQESHI we-Orlando Pirates uJose Riveiro. | @Gavin Barker/BackpagePix

SENZO SOKHELA

WENZA isethembiso kubalandeli be-Orlando Pirates ngesicoco seligi umqeqeshi wale kilabhu, uJose Riveiro.

IBucs isukile esicongweni seBetway Premiership ngemuva kokudliwa ngo-1-0 yiStellenbosch koweBetway Premiership ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto. Ibihlulwa okokuqala kule sizini njengoba bese inqobe imidlalo eyisikhombisa ilandelana.

Ukwehlulwa kweZimnyama kwenze zehlela endaweni yesibili, kwathi iMamelodi Sundowns evikela isicoco seligi, yanyukela kweyokuqala.

Lawa makilabhu ayalingana ngamaphuzu, ahlukaniswe ngamagoli njengoba amaSandawana enamaningi.


URiveiro uthe kusesekuseni ukuthi bengaqala ukutatazela ngombango wendawo yokuqala esicongweni.

“Sinamaphuzu alinganayo nawabo, umehluko nje ngamagoli okuyiwona asibeke endaweni yesibili. Sisadlale imidlalo engu-8 kwengu-30 isiyonke.

“Abalandeli ngifuna bangethembe, siyazi kuzokuba nzima kodwa sizolwa, futhi sizoncintisana kulokhu.
Sizolwa kuze kube ngumdlalo wokugcina ngoba sifuna ukuqeda isizini sihleli endaweni yokuqala.

“Ngaleli qoqo labadlali enginabo, angingabazi ukuthi sizolwa kuze kube sekugcineni,” kusho uRiveiro.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...