Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 URiveiro nesethembiso kubalandeli bePirates

URiveiro nesethembiso kubalandeli bePirates

by | 3 December 2024

NGUMQEQESHI we-Orlando Pirates uJose Riveiro. | @Gavin Barker/BackpagePix

SENZO SOKHELA

WENZA isethembiso kubalandeli be-Orlando Pirates ngesicoco seligi umqeqeshi wale kilabhu, uJose Riveiro.

IBucs isukile esicongweni seBetway Premiership ngemuva kokudliwa ngo-1-0 yiStellenbosch koweBetway Premiership ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto. Ibihlulwa okokuqala kule sizini njengoba bese inqobe imidlalo eyisikhombisa ilandelana.

Ukwehlulwa kweZimnyama kwenze zehlela endaweni yesibili, kwathi iMamelodi Sundowns evikela isicoco seligi, yanyukela kweyokuqala.

Lawa makilabhu ayalingana ngamaphuzu, ahlukaniswe ngamagoli njengoba amaSandawana enamaningi.


URiveiro uthe kusesekuseni ukuthi bengaqala ukutatazela ngombango wendawo yokuqala esicongweni.

“Sinamaphuzu alinganayo nawabo, umehluko nje ngamagoli okuyiwona asibeke endaweni yesibili. Sisadlale imidlalo engu-8 kwengu-30 isiyonke.

“Abalandeli ngifuna bangethembe, siyazi kuzokuba nzima kodwa sizolwa, futhi sizoncintisana kulokhu.
Sizolwa kuze kube ngumdlalo wokugcina ngoba sifuna ukuqeda isizini sihleli endaweni yokuqala.

“Ngaleli qoqo labadlali enginabo, angingabazi ukuthi sizolwa kuze kube sekugcineni,” kusho uRiveiro.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...