URULANI UDALULA OKUVUTHISA IDOWNS

460

ABADLALI beMamelodi Sundowns bejabulela indebe yeCarling Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
Ebika eseFNB Stadium, eSoweto. UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uveza okwenze le kilabhu yashintsha igiya emuva kokuba sekuhleli yena esigqikini. IDowns ibe yizingqwele zeCarling Black Label Cup itaxa ngo-4-0 i-Orlando Pirates kowamanqamu ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium. Amagoli eDowns avalelwe enethini nguSiphelele Mkhulise, uGrant Kekana namabili kaCassius Mailula. IBucs iqede lo mdlalo ngabadlali abawu-10 emuva kokuba uThapelo Xoki ekhishwe ngekhadi elibomvu edlalisa kabi uHaashim Domingo. UMokwena usanda kunikwa isikhundla sokuba yinhloko yabaqeqeshi kwiDowns kwagudluzwa uManqoba “TV” Mngqithi. Selokhu ethathe izintambo uRulani, amaSandawana ashaya kwasani njengoba esevalele amagoli awu-15 angangenelwa ngisho elilodwa.


Echaza ngokwenza ezakhe zithelwe ngezibonkolo, uMokwena uthe: “Ngihlale ngisho ukuthi ibhola lingabadlali hhayi abanye abantu, yibona abenza izinto zenzeke. “Kodwake okwenze izinto zaguquka sengihleli esihlalweni wukuthi abadlali beSundowns balwamukele ngokushesha ushintsho. “Kuthatha isibindi ukwamukela ushintsho kodwa bona bakwenze ngokushesha.” Ebuzwa ngengxabano abe nayo noKermit Erasmus weBucs, njengoba bebonakale bejikijelana ngamazwi ngesikhathi kukhishwa uXoki, uthe udumele ngalo mdlali osanda kusuka kubona. “Kungcono ngingasho lutho ngokwenzeke phakathi kwethu, amagama awakhiphe ngomlomo wakhe angishiye ngibambe ongezansi ngoba bengingalindele ukuthi angaphuma kuyena.


“Lapha kulimale umuntu, bekungaphela ngekusasa lakhe ngendlela alinyazwe ngayo. “Kodwake, ungethusile emuva kwezinto ezingaka ikilabhu emenzele zona, nami siqu sami kunezinto engimenzele zona engingeke ngathanda ukuphumela obala ngazo. “Kungcono ngizehlise nje, sijabulele ukuthi sizibuyisile izinduku. “Sijabule njengoba sinqobe lo mqhudelwano ekubeni besiqala ukuba yingxenye yawo.” Uthi ubashayela ihlombe abakwaBlack Label ngokuqhamuka nalo mqhudelwano. “Umbandela la kwiSundowns ucacile, wukuthi kufanele unqobe wonke umdlalo owugijimayo kakukhathalekile ukuthi owesihle, yi-11v11 yasejimini, wonke umdlalo kufanele unqotshwe. senzon@ilanganews.co.za

Previous articleLuseqhulwini udlame nocansi olungaphephile ezintweni eziyingozi
Next articleBanengebhe osomabhizinisi baseMnambithi ngemvula