Usagcwele amathafa “obulale” intombi ngenduku yegalofu

785

SKHOSIPHI MTHEMBU

USAGCWELE izinkalo owesilisa osolwa ngokushaya ngenduku yegalofu  isinqandamathe sakhe, maqede wayosilahla esangweni lakubo silimele kanzima ezitshela ukuthi sesifile, kanti sizokwazi ukutshela abomndeni waso ukuthi silinyazwe ngubani, ngaphambi kokuba kuphume umphefumulo. 

Kuthiwa amalungu omndeni kaNkz Genqele Zikhali (26) (osesithombeni) waseziKhonkwaneni, eRichards Bay, ezwe umsindo womuntu obekhala esangweni ecela usizo, okuthe uma eyobheka athola ukuthi yindodakazi yawo. 

Ngokuthola kweLANGA, umufi ubehlala emqashweni eNseleni, ngoba esondelela umsebenzi. Isoka lakhe belijwayele ukumvakashela khona. 

Ilungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa – njengoba umsolwa esagcwele amathafa – lithe indlela abelimele ngayo, likholwa wukuthi umsolwa umshiye ethi ufile. Lithe yize umufi ekwazile ukusho ukuthi ushawe ngubani, kodwa akakwazanga ukubachazela ukuthi bebebangani. 

ILANGA lizame laze lancama ukuthola ukuphawula kwamaphoyisa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Robert Netshiunda uthunyelelwe imibuzo, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engayiphendulanga. Ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa. 

Sekuvamile ukuthi ngezimpelasonto kube lukhuni ukuthola izimpendulo ehhovisi labakhulumela amaphoyisa esifundazweni. 

Previous articleI-Afrika iyobumbana ngo-20 leventeen uma sisasizakala ngosizi lomunye umuntu omnyama
Next articleUvele enkantolo nesoka “odayise” indodakazi (13) yangcina ikhulelwe