Usagcwele amathafa osolwa kwelokuqothwa komndeni

224

SKHOSIPHI MTHEMBU

USAGCWELE amathafa owesilisa waseShowe ofunwa uthuli ngamaphoyisa ngamacala amathathu okubulala nawokuzama ukubulala. Kucelwa onolwazi ngoMnu Sicelo Dambayi Sikhakhane (33), athinte amaphoyisa njengoba kusolwa ukuthi uyathinteka ekubulaweni kwamalungu amathathu omndeni waKwaMkhize, okwenzeka mhla ka-12 kuMbasa (April) 2023, eMtilombo, eShowe. Kwabulawa uMnu Nduduzo Mkhize (26), uNkz Nokuphiwa Mkhize (33) noMzikayise Mkhize (13). 

   ILANGA labika ngalolu daba okwavela ukuthi umndeni wakwaMkhize uhlaselwa nje, abasolwa babefuna isibhamu kwelinye ilungu lawo. Esitatimendeni esikhishwe ngamaphoyisa, kuvela ukuthi kula macala, omunye umsolwa, uThuthukani Mthethwa, waboshwa ngosuku olulandela olwesigameko.

   Ilungu lomndeni – elingeke lidalulwe ukulivikela – lithe isimo sisesibi njengoba usekubhaceni ngenxa yokuchanasa komsolwa. 

   Ongaba nolwazi ngoSikhakhane, kucelwa axhumane nomphenyi wecala, uDetective Sergeant Celani Majozi, ku: 072 1077 756 noma kweyamahhala ethi: 086 0010 111.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUmqeqeshi ubona zidinga ucwaningo olujulile izinkinga zeChiefs
Next articleKukhuthazwa intsha ukufaka izicelo zobuthishela kwamanye amazwe