Usale enkundleni umaskandi bedubulana namaphoyisa

231

 

 

MTHOBISI SITHOLE

USALE enkundleni umculi kamasikandi kugasela amaphoyisa ophiko oluphenya amacala abucayi iNational Intervention Unit (NIU) eMthonjaneni.
Ngokuthola kweLANGA, uSjula “iQhawe LakoMenziwa” Biyela obecula umasikandi, ubulawe nomfowabo uSihle “Gwajo” Biyela, nabangani babo okunguBizokwakhe Sithole noLindani Ncanana. Kuthiwa lezi zinsizwa zakwaBiyela nabangani bazo, bezifunelwa amacala abucayi okubulala abezisolwa ngawo.

Kuthiwa iNIU ibadubulele eNtibane Lodge ephakathi koNdini noMthonjaneni ngoMgqibelo entathakusa. IQhawe LakoMenziwa – elidabuka eLumbe, eMthonjaneni, lisanda kufika emculweni kanti kunabaculi abazwakalise ukukhathazeka ezinkundleni zokuxhumana ngokulimala kwalo.
ILANGA likhulume noQuality Biyela oyilungu lomndeni wakwaBiyela, ukuzwa ngezinsolo ezibhekiswe kumalungu omndeni wakhe. Uthe kazikho izigameko namacala azaziyo obekuphenywa ngazo amalungu omndeni wakhe. Uthi kunamasonto amabili iQhawe LakoMenziwa livakashe emakhaya, bekulindeleke ukuba libuyele eGoli ngoLwesibili njengoba sekwenzeke lesi sigameko.

“Kawekho amacala ebengazi ngawo. Besikhuluma naye ubaba omncane (ulamana noyise) engitshela ukuthi uyabuya eGoli ngoLwesibili,” kusho uQuality.
Kusolwa ukuthi amaphoyisa ababulale ngoba badubule kuqala ngesikhathi ethi mabavule endlini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netshiunda, uthi la maphoyisa ngawesifundazwe aqinisekisa uzinzo nenhlalakahle yabantu. Utshele leli phephandaba ukuthi abasolwa besekunesikhathi eside befunwa ngamacala amaningi okubulala abantu.

“Abasolwa bebecashile kule ndawo yokulala, ngesikhathi amaphoyisa esemnyango ememeza, bavulele ngenhlamvu bengaphakathi. Amaphoyisa adubule ezivikela. Ngesikhathi kudutshulwana, kusale abane endaweni yesigameko. Ngakho-ke kuvulwe icala lokuzama ukubulala obekwenziwa emaphoyiseni, kalikho iphoyisa elilimalile esigamekweni,” kusho uNetshiunda.
Lolu phiko lwamaphoyisa lukhishwa uma kuthungathwa izigebengu esezehlule, ezenza amacala abucayi okubulala abantu.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKabamfuni umlawuli ozofakwa kumasipala Abaqulusi
Next articleUveza okumdumazile nge-Afcon yalo nyaka