SKHOSIPHI MTHEMBU
LUSAVUSA ingebhe emndenini wakwaNtusi, eNanda, eThekwini, udaba lokuthunjwa kwendodakazi yakhona – eyenza umatikuletsheni – ngabantu abebefuna imali yakwaRoad Accident Fund (RAF) eyatholwa ngumyeni wendodakazi yakhona endala ngoZibandlela (December) nyakenye.
Nokho zigcine zibakhalele abasolwa abathathu kulesi sigameko, okukhona kubo nesisebenzi sasebhange okwangena kulona le mali.
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa kokuphuma kwale mali, kunabesilisa abangaziwa abebejwayele ukufona, befuna inkosikazi yomnikazi wemali, befuna yona le nkece.
Kuthiwa ukuxinwa kwabo ngezingcingo, kugcine kuphoqa ukuba indodakazi yakwaNtusi nomyeni wayo, bayobhaca.
Yilapho-ke abasolwa begcine sebethumba indodakazi yakwaNtusi encane, besabisa umndeni ngokuthi uma ungayikhiphi imali abayifunayo, bazoyibulala.
ILANGA lihambele lo mndeni, lafika kuvaliwe emnyango. Okucacile wukuthi lo mndeni usuqashwe ngomakhelwane.
Ilungu lomndeni elingeke lidalulwe, liveze ukuthi selihlala ngokwesaba njengoba abantu abathumba ingane, bafika ekuseni babakhomba ngezibhamu, maqede bayithatha.
Lithe isisulu sathunjwa izinsuku ezimbili, saze sadedelwa ngosizo lwamaphoyisa, agasela lapho sasithunjwe khona.
“Ngabe nginamanga uma ngingathi ngiyazi ukuthi yimalini eyaphumela umkhwenyana njengoba sesibhekene nenkinga yokuhlaselwa ngabantu esingabazi,” Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt Col Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa abathathu, okubalwa nesisebenzi sasebhange, wathi bazovela enkantolo maduze. skhom@ilanganews.co.za