Usanethemba umndeni wentombazanyana eyanyamalala eminyakeni emibili edlule

293

NONHLAKANIPHO SHINGA

KAWUKALILAHLI ithemba umndeni wentombazanyana yaKwaCele, eScottburgh, eyanyamalala eminyakeni emibili eyedlule, ineminyaka ewu-16. UNompilo Lulama Zama (osesithombeni), owayefunda u-grade 10 eMzinto Secondary, wanyamalala mhla ka-18 kuMbasa (April) 2022 kade ehambe nabangani bakhe beya emtapweni wolwazi osedolobheni eScottburgh. Kuthiwa bafika kuvaliwe, baphoqeleka ukugoduka, kodwa uNompilo wagcina engafikanga kubo. 

Ngokusho kukamfowabo, uMnu Lungelo Zama, ukunyamalala kukadadewabo kwenza isimo sibemuncu kubo. “Yimina obhekelele udaba lokubhekwa kukadadewethu ngoba ubaba luyamhlukumeza. Uma uke wakhuluma ngoNompilo, ubaba uvele umbone ukuthi uzovukelwa wukugula,” kusho yena.

Uthe udadewabo wagcina ukubonakala esitobhini eMandawe, evakashela uninalume, futhi yindawo ayejwayele ukuvakasha kuyona.  “Bakhona abaphumela obala, bathi bambona, wehla phambi kwabo etekisini. Namanje sisazibuza ukuthi kazi kwenzekani ngoba uma siphenya, kuyavela ukuthi umakhalekhukhwini wakhe wavalwa ngemuva kokuba ehle kulesi sitobhi.

Sinethemba lokuthi kukhona esizogcina sikutholile noma yithambo lakhe. Ngemuva kokunyamalala kwakhe sa-landelela nakubangani bakhe, kwatholakala ukuthi akekho umuntu abemqomile. “Yonke imikhondo eyayivela yalandelelwa kodwa sabuya silambatha. Siyacela kunoma ngubani onolwazi, asithinte noma athinte amaphoyisa aseScottburgh,” kusho yena. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uqinisekisile ukuthi le ntombazanyana namanje kayikatholakali, wacela abangaba nomkhondo bashayele amaphoyisa ngokuphuthuma.

Previous articleINigeria iziphendule ihlaya ikhohlwa wukubhalisa umsubathi kwi-Olympics
Next articleZimkhalele “nezihonga” zakhe uPastor Mboro wodumo