Usanethemba uthisha weMK owasula emsebenzini kanti iqembu lizomkhipha ephalamende

212

BHEKI NDLOVANA

USAHLELI ethembeni obeyilungu leMK Party ePhalamende, waxoshwa – engakaqedi nezinyanga ezimbili nabanye ozakwabo –
lokuthi isimo sisazoguquka, babuyele emsebenzini wokuba ngamalungu esishayamthetho sikazwelonke.
UNkz Ntombenhle Mkhize (osesithombeni) – ongelinye lamalungu awu-18 eMK Party ashaywe ngesithende yileli qembu ePhalamende – utshele ILANGA ukuthi ubenguthisha, efundisa eQhilika Secondary School, kwaH, eMlazi, eThekwini.
Kuthe esehlelwe “yinhlanhla” yokuba yilungu lePhalamende, esezohola izizumbulu, wesula emsebenzini wobuthishela
ngoNhlangulana (June).  Nakuba engenayo ingane, kodwa utshele leli phephandaba ukuthi ubondla umndeni wakubo ngemali abeyisebenza.

UNkz Mkhize ungomunye wabalishumi abafake isimangalo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, lapho belwela khona ukuba le nkantolo ibuyekeze isinqumo seMK Party, isichithe njengesingekho emthethweni.
Ebuzwa ukuthi uma kwenzeka ingaphumeleli imizamo yakhe yokubuyela ePhalamende, ngabe ucabanga ukubuyela yini ekubeni nguthisha, uthe akakathandi ukukhuluma ngalokho ngoba unethemba lokuthi bazobuyiselwa ePhalamende.
UNkz Mkhize uthe imali abebezoyihola ePhalamende wu-R97  000 ngenyanga, ingakabanjwa leyo ebanjwa emholweni. 

Ngesikhathi kusabalala indaba yokuxoshwa kwalaba ePhalamende, okhulumela iMK Party,
uMnu Nhlamulo Ndlela, uthe amalungu ahoxisiwe ayevele etsheliwe ngaphambi kokufungiswa ukuthi azokhishwa, izikhala zigcwaliswe ngamanye amalungu.
Uthe bayalelwa ukuba bangaqhubeki nokufungiswa, nokuthi uma bekhetha ukuqhubeka, bekumele bakwenze lokhu ngokwazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi bazokhishwa.
UNdlela uveze nokuthi kwaba nobushompeshompe obenzeka ohlwini olwathunyelwa kwi-IEC, lwamagama alabo ababezothu-nyelwa ePhalamende, beyomela iqembu.
Icala labo lingenile enkantolo ngoLwesine, kodwa lahlehliselwa umhla ka-3 kuMandulo (September).

Previous articleAmalokishi amaningi entshonalanga yeTheku akhiwa ngenxa yamaKhatholika aseMariannhill
Next articleUsanethemba uthisha weMK owasula emsebenzini kanti iqembu lizomkhipha ephalamende