Usaqhubeka nokuxilongwa uShenge

143

Kudlule induna yaso okusolwa ukuthi idliswe ushevu

BHEKI NDLOVANA
ISIKHATHI azosihlala esibhedlela uMntwana waKwaPhindangene, iNkosiMangosuthu Buthelezi, sizoncika ekutheni ushesha kangakanani ukwelulama. Lokhu kushiwo ngumndeni kaMntwana izolo ngoLwesithathu. Uqinisekise nokuthi odokotela bebengakamkhiphi esibhedlela uMntwana. Ngomhla ka-27 kule nyanga uNcwaba (August), uMntwana uzobe eqeda iminyaka ewu-95 yobudala. Kubikwa ukuthi uMntwana wayekade engeniswe esibhedlela eyoxilongwa ngenxa yezinhlungu emhlane, wabe esededelwa. Nokho emuva kwalokho kudingeke ukuba abuyiselwe esibhedlela ukuze athole okunye ukuxilongwa. “Egameni loMntwana waKwa- Phindangene kanye nomndeni, sifisa ukwedlulisa ukubonga okukhulu ngemithandazo, imilayezo yokweseka, izilokotho ezinhle nothando esikutholile.


“Njengoba uMntwana uButhelezi ezobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka ewu-95 ngasekupheleni kwale nyanga, siyanxusa ukuba isizwe simnike ithuba lokululama nokuphumula. Siqinisekile ukuthi uthola ukunakekelwa kwezempilo okufanele,” kusho umndeni. Umndeni uthe ngenxa yokuthi uyazi ngokukhathazeka kwesizwe, uzoqhubeka nokulokhu usazisa ngesimo. Ngakolunye uhlangothi, i-ANC KwaZulu-Natal, ifisele uMntwana waKwaPhindangene ukwelulama okusheshayo, nempilo enhle. Inxuse umphakathi waKwaZulu-Natal ukuba unike umndeni ithuba lokubhekana nalesi simo. “Kufanele siqhubeke sithandaze kuNkulunkulu ukuba amsingathe,” kusho i-ANC esitatimendeni. I-IFP igcizelele emazwini omndeni, okunxusa ukuba uMntwana anikwe isikhathi sokwelulama nokuphumula. Ithe inethemba ethimbeni lodokotela elimxilongayo esibhedlela. Ithe izoqhubeka nokumkhulekela futhi ibheke nokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngasekupheleni kwale nyanga.

Previous articleIZA NEZINGUQUKO EZINTSHA IMPUCUZEKO YANONYAKA
Next articleBabhekene nenkinga abanqatshelwa ukungcwaba epulazini