Usathuthumela owe-gospel ohlaselwe yizinswelaboya zamendlula impahla emzini wakhe, eNanda

502

LUCKY CAIN

USALE ethuthumela umculi we-gospel, uThinah Zungu (osesithombeni) emuva kokugasela kwezigebengu emzini wakhe eTafuleni, eNanda, eThekwini, zamkhomba ngezibhamu nomndeni wakhe, maqede zazitapela impahla. ILANGA lithole ukuthi kulesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko ebusuku, abalisa abahlanu bagasele emzini walo mculi, bagqekeza iwindi, bangena.

Kuthiwa ngaleso sikhathi, uThinah nomndeni wakhe bebesendlini, babone ngezigebengu sezibakhombe ngezibhamu. Echaza ngokumehlele lo mculi, uthe namanje usathukile ngoba lesi sigameko senzeke enomkakhe nezingane. Uthe laba balisa babakhombe ngezibhamu, babaphoqa ukuba bayongena kwelinye lamagumbi, babakhiyela khona. “Babe sebezenzela-ke endlini, bathatha zonke izimpahla zami okubalwa amaTV, amawashi nezimpahla zokugqoka,” kuchaza lo mculi. 

Uqhube wathi izigilamkhuba zilayishe lezi zimpahla emotweni yakhe, iBMW X5, zashaya zachitha. Uthe imoto igcine itholakele ishiywe endaweni ethile. Akafunanga ukwanda ngalesi sigameko njengoba eveze ukuthi konke sekusezandleni zamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiwe Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sokugqekezwa emzini walo mculi. Uthe kugasele abalisa behlome ngezibhamu, bafuna imali, omakhalekhukhwini nezimpahla zasendlini ngaphambi kokubaleka. 


lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleO-weNFP uphumela obala ngamaqembu abaxoxa nawo ukubambisana KwaZulu-Natal
Next articleKusekude avele phambi kwabantu uDSD osededeliwe esibhedlela