PHUMLANI GAMA
LIKHALA ngokucwila ezikweletini ixhegu laKwaGedleza, eJozini elinguyise womshayeli weloli eladala isibhicongo sengozi, okwabhubha kuyona izingane eziwu-18 nyakenye.
UMnu Velaphi Siyaya (77), onguyise kaMnu Sibusiso Siyaya (29), usola ukuhamba kancane kwezinhlelo zokuqulwa kwecala elibhekene nendodana yakhe ngemuva kokuba yalivuma, maqede yacela intethelelo emindenini yezisulu zengozi.
Le ngozi yenzeka ngoMandulo (September) ngonyaka odlule. Kwavela ukuthi iloli laphelelwa ngamabhuleki, umshayeli wangabe esakwazi ukulilawula, lashayisa iveni elalithwele izingane zesikole.
Kule ngozi akugcinanga ngokuthi kuphangalale izingane, kodwa kwashona nowesifazane waseManguzi owayenguthisha owayeyitoho kwesinye sezikole zakhona oPhongolo. Lo wesifazane wayekhulelwe amawele. Lokhu kwavezwa ngowesilisa owayeyisoka lakhe, ekhala ngokuthi umufi ubeyingoduso yakhe.
Ngemuva kokuba sekwenzeke konke, ILANGA lahambela emndenini wakwaSiyaya, laxoxa namalungu omndeni kammangalelwa.
Uyise watshela leli phephandaba ukuthi indodana yakhe yehlelwa yilo mshophi ngoba ingenaso isipiliyoni sokushayela amaloli.
Waveza nokuthi yayimbikele ukuthi inenkinga emsebenzini wayo ngenxa yokuthi inkampani eyisebenzelayo inamaloli amadala, futhi iningi lozakwabo kaliwafuni, anikwa yona ngoba kuthiwa inesipiliyoni sokuhamba ngezimoto ezindala.
Uthi ukhathazwa wukuthi namanje indodana yakhe isasesitokisini, icala kalikaqulwa.
“Okunye okungizwisa ubuhlungu wukuthi umthetho kawukhombisanga ukubambisana nami ngokuthi ungiqhube, ngikwazi ukuhlangana nemindeni eyalahlekelwa.
“Kangimthumanga umfana ukuba abulale izingane zabantu, kodwa ngesizathu sokuthi singabantu abansundu, nobani angakwazi ukuzibonela ukuthi kwenzekani uma esehleli nami phansi sesixoxa ngalolu daba,” kusho uMnu Siyaya.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe uma icala lisaphenywa futhi kunezinto ezithile ezenziwayo, akuvumelekile ukuba kudedelwe ulwazi ngokuqhubekayo ngalo.
phumlani@ilanganews.co.za