Usazobala izinsimbi esitokisini uthisha “owadlwengula” itshitshi liphuma eMhlangeni

281

PHUMLANI GAMA

SICHITHIWE yiNkantolo yesiFunda yaseNkandla isicelo sebheyili kathisha waseBizimali High School, eNkandla, obhekene necala lokudlwengula itshitshi ayecelwe ukuba alisize liphuma eMkhosini woMhlanga nyakenye. 

Ngeledlule, inkantolo inqume ukuba uSiboniso Dlomo (27), agqunywe esitokisini kuze kufike usuku lwecala ngezinsolo zokunukubeza lo mfundi owayefunda shona eBizimali. Ubecele ibheyili ukuze ezokwazi ukuthola ithuba elanele lokubheka imfuyo netekisi lakubo – ngokusho kwakhe. 

OLYMPUS DIGITAL CAMERA

Ngokulandisa kukayise wesisulu -eligodliwe igama lakhe ngezizathu zomthetho – nguyena owashaya ucingo, ecela umsolwa ukuba amsize ngokumthathela ingane yakhe, ayigodukile. Leli phephandaba lihabule ukuthi idedeliwe ngoLwesihlanu imiphumela yolibofuzo eqinisekisa ukuthi impela isisulu sadlwengulwa nokuthi uDlomo uyathinteka. 

“Okungiphatha kabi wukuthi abomndeni wakhe bakhuluma okungelona iqiniso, bathi indodakazi inobudlelwano naye (umsolwa). Ngikhuluma nje, kuze kube yimanje kabubuhle ubudlelwano phakathi kwami nomndeni womsolwa. Ngizwile ukuthi ubuyile umbiko kadokotela, wakhombisa ukuthi nguyena umsolwa owagila ingane yami. Nginethemba lokuthi inkantolo izobusebenzisa bonke lobu bufakazi,” kusho uyise wesisulu. 

Qaphela: Isithombe akusona esetshitshi elithintekayo, sisetshenziswe ukwenza umfanekiso.

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleISilo “sinengwe” ngabakwabo sangalubhada emembulweni wetshe likanina
Next articleIzinduna zamabutho zifuna kubuyekezwe umthetho obhekelela iSilo