USAZOHLALA esitokisini “umalugaju” waseMtubatuba, uMnu Mzamo Sifiso Gumede (38) (osesithombeni) njengoba kulindeleke ukuba aqale ukuqulwa ngoMfumfu (October) nonyaka eNkantolo eNkulu yaseMtubatuba amacala awu-14 okudlwengula nokubamba inkunzi kuhlonyiwe, abebhekene nawo. La macala kuthiwa enzeka eZikhaleni naseMkhoma, eNseleni, phakathi kuka-2014 no-2022.
UGumede ubevele eNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesine, lapho ILANGA Lempelasonto belithole ngemithombo yalo esondelene nalolu daba ukuthi bekunesivumelwano phakathi komshushisi uMnu N.E Kunene (ongathandanga negama lakhe) nomphenyi wecala, uSgt Sanele Shoba ukuthi uzovuma amacala akhe ngale komdonsiswano wokushushiswa.
Leli phephandaba lithole ukuthi lesi sivumelwano sigcine singaphumelelanga emuva kokuba uGumede nabameli bakhe beveze ukuthi umbuso kuzomele uhambisane nabo ngokuthi (uGumede) athole iminyaka ewu-10 icala ngalinye. Umbuso kawuhambisananga nalokhu, njengoba umthetho wokushushiswa kwabantu eNingizimu Afrika uthi umuntu onamacala angaphezu kwamabili okudlwengula kumele agwetshwe okungenani udilikajele.
UKunene utshele iJaji uMbuzeni Mathenjwa ukuthi ngemuva kokungaboni ngasolinye nabameli bommangalelwa, banqume ukuthi icala livele liqulwe ngethemba lokuthi ummangalelwa uzothola isigwebo esifanele.
Ngokwamaphepha enkantolo (leli phephandaba eliwabonile), uGumede waqala ukudlwengula nokubamba inkunzi abesifazane abaphakathi kweminyaka ewu-20 kuya ku-29 ngo-2014, phakathi kuka-18:00 no-03:30. Wayesebenzisa isibhamu nommese ukusabisa izisulu.
Icala lokuqala ngokwamaphepha, kuthiwa lenzeka Zikhaleni mhla ka-17 kuNtulikazi (July) 2014. Kulesi sigameko kuthiwa owesifazane wakule ndawo wayezihambela endleleni, ephuma kwamakhelwane ngesikhathi ehlangana noGumede, wamkhomba ngesibhamu, efuna umakhalekhukhwini nemali. Kuthiwa lo wesifazane wamtshela ukuthi akanayo imali, wabe esethatha umakhalekhukhwini wakhe wamdonsela esikhotheni, wamnukubeza.
Izigameko ezalandela kwaba ngezenzeka eMkhoma, okuvela ukuthi uGumede ubesebenzisa indlela efanayo ukwenzakalisa izisulu.
Ijaji kalibanga nankinga nokuthi kuqulwe icala, kanti ukuqulwa kwalo kulindeleke ukuba kube yizinyanga ezintathu.
ngubo@ilanganews.co.za