Usebanjwe yinkontileka kuMkhokha ‘uMaMzobe’

294

LUCKY CAIN

USEBANJWE yinkontileka emdlalweni kamabonakude, Umkhokha okhonjiswa kuMzansi Magic, uDeli Malinga (ophambili esithombeni), osekuvele ukuthi ngokwakhe ngabe usewulaxazile lo mdlalo – adlala kuwona indawo kaThenjiwe Mzobe – ngenxa yokungaphatheki kahle kuwona.

ILANGA libike kabanzi ngenyanga eyedlule ngezindaba zokushiya kwakhe kulo mdlalo. 

Leli phephandaba lihabule ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi lo mlingisi , wayeseyifakile incwadi yokwesula ngenxa yokungagculiseki ngezinto ezenzeka ngaphakathi, kodwa yagcina ingamukelwanga ngenxa yokuthi usane-nkontileka. 

Umthombo utshele leli phephandaba ukuthi uDeli usebanjwe yinkontileka ayisayina, okumele iphele uma kuphela isizini yokuqala yalo mdlalo, okubhekwe ukuba uphele emoyeni ngoNdasa (March) wonyaka ozayo.

 “Njengoba okudlala emoyeni kusilele ngezinyanga ezintathu, kusho ukuthi ukuqopha kwale sizini kuzoqedwa ekuqaleni konyaka ozayo,” kusho umthombo. 

Uqhube ngokuthi kunzima okubhekene noDeli nabanikazi balo mdlalo njengoba maduze kuzoqala izingxoxo zokuvuselelwa kwezinkontileka zesizini elandelayo. 

“Akucaci noma bazomncenga ngenkontileka entsha noma bazomdedela. Okwenza kube nzima wukuthi nguyena ongumlingisi oqavile kulo mdlalo, futhi usephenduke intandokazi kubabukeli bawo,” kusho umthombo. 

Uthi ukube kuya ngokwakhe uDeli, ngabe kade awushiya lo mdlalo ngoba ubudlelwano bakhe nabanye babaqondisi, kabubuhle neze. 

Kube yinkombankombane phakathi kwabakwaMzansi Magic nenkampani eqopha lo mdlalo njengoba benqabile ukuphawula ngesimo salo mlingisi. 

AbakwaMzansi Magic badlulisele intatheli kuDuma KaNdlovu ongumkhiqizi wawo ngaphansi kwenkampani yakhe, iRhythm World Productions. UNdlovu utshele ILANGA ukuthi akaxhumani nabezindaba ngokomyalelo wakwaMzansi Magic. 

Khona manjalo izinkinga zemali ezibhe-kene neSABC, ziphoqe ukuba isheshe inqanyulwe inkontileka yomlingisi osanda kujoyina umdlalo owuchungechunge, Uzalo, okhonjiswa kwiSABC 1. 

Indawo kaVuyo Dabula ongumlingisi oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, kuphoqeleke ukuba iqedwe ngenxa yokuthi lo mlingisi umba eqolo kanti ngokusho komthombo bekungeke kube lula ukuba akhokhelwe imali abeyifuna nyanga zonke. 

Lo mlingisi obedlala indawo kaBentley Majozi ugcine ukubonakala kuleli sonto ngesikhathi edutshulwa, kwabe sekuwukuphela kwendawo yakhe. 

Okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi, ukuchithile ukuthi ukuphela kwendawo kaVuyo kungenxa yokuntuleka kwemali. “Engikwaziyo wukuthi ubevele elethelwe isikhathi esifishane ngenhloso yokuzoshu-bisa ukuze isizini iphele ngegiya eliphezulu,” kusho uNomfundo.

Previous articleIngebhe kudutshulwa ibhasi elilayisha izisebenzi
Next articleZizonyuka izidingo zempilo ngenxa yokwehla kwamandla emali