Usebulewe owasinda ehlaselwa kwakhe

600
USADIDEKILE umndeni wakwaMpanza ngokubulawa kukaNkz Jabulile Mpanza emuva kokuba waphunyuka ebulawa kuwona lo nyaka.

SKHOSIPHI MTHEMBU
noNHLANHLA HHUDLA 

UKHUNGATHEKILE umndeni wakwaMpanza, eziMfabeni, eMahlabathini, emuva kokuthi ngoMgqibelo ebusuku kudutshulwe kwabula-wa owesifazane wakhona owaphunyuka eshiswa nendlu ngoMbasa (April) nonyaka. 

UNkz Jabulile Mpanza (50), (osesithombeni) owagcina eshe emlenzeni esigamekweni sangoMbasa, kuthiwa udutshulwe ngabantu ephuma emcimbini obusezihlotsheni zakhe. 

UMnu Thokozani Mpanza ongumfowabo kamufi, uthi bewumndeni namanje basadidekile ukuthi yini lena udadewabo ayenzile, ebiyenza alandelwe kangaka ngababulali njengoba begcine bemtholile. 

Uthi ngesikhathi kuqhuma isibhamu, akazange azitshele ukuthi sisho kudadewabo, kodwa baze bathola umbiko sekudlule isikhathi. 

“Izolo (ngoMgqibelo), bekunomcimbi ezihlotsheni zalapha ekhaya, udadewethu naye ubekhona, kujatshulwe kungekho nkinga. 

“Kuthe sekuhwalele, wahamba ephindela lapho ehlala khona, akuphelanga sikhathi eside ephumile, kwezwakala sekuqhuma isi-bhamu kaningana. 

“Akekho ozitshele ukuthi ngabe khona okubi okwenzekayo, kodwa besizitshela ukuthi mhlawumbe ngabantu baziqhumisela isibhamu. 

“Kuhambe isikhathi sathola umbiko othi empeleni lesi sibhamu besidubula yena. Siphuthume endaweni yesigameko, samfica esethule, edutshulwe izikhawu ezine,” kusho uMnu Mpanza. 

Uthi udadewabo ufa nje, sebake bamhlalisa phansi, bamncenga ukuba abatshele uma kunesitha esimsongelayo. “Sisadidekile namanje, kasazi ukuthi ubenzeni kubani,” kusho yena. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala emuva kokuba owesifazane edu-tshulwe kade ebuya emcimbini. 

Uthe bekungakaboshwa muntu, kusaphenywa.

Previous articleUyabalisa owesilisa odunwe imoto ‘ngamaphoyisa’
Next articleUthi uhlamukwe wumndeni ‘ngokulaxaza’ oFakazi uTshatha