SENZO SOKHELA
UDUNGUZA ebumnyameni ngekusasa lakhe umdlali we-Orlando Pirates okuvela ukuthi ufuna ukuphuma kule kilabhu ngoba uyabona ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uJosef Znnbauer.
UBrian Hlongwa (24) (osesithombeni) usayiniswe yi-Orlando Pirates ngo-2016 egijima kwiKZN Academy.
Selokhu esayiniswe yiBucs akakaze adlale njengoba ibilokhu imbolekisa.
Isike yamubolekisa kabili kwiReal Kings egijima kwiGladAfrica Championship wafike washaya ingcwenga yebhola.
Ekuqaleni kwale sizini iBucs imbolekise kwiHighlands Park kodwa maphakathi nesizini le kilabhu eholwa ngu-Owen da Gama yambuyisela emuva.
Selokhu ebuyele kwiBucs ubengakaze adlale kanti akakaze angene ngisho kwi-18 yomdlalo.
Leli phephandaba lihletshelwe ngumthombo walo osondelene nalo mdlali ukuthi usenele yiBucs ufuna ukuhamba.
Lo mthombo uthe: “UHlongwa ufike kwiPirates emncane kodwa selokhu efikile ayikaze ikhombise ukuthi usezinhlelweni zayo njengoba kwiKings ebedlala njalo.
“Kwale ngisho uSimo Dladla obengumqeqeshi wakhe kwiKings ehambisa umbiko kwiPirates wokuthi usevuthwe ngokwanele ukubanga indawo kwiBucs kodwa ibingamdlalisi. “Njengoba ededelwe yiHighlands nje ubuyele kwiBucs kodwa nakhona uyabona ukuthi akekho ezinhlelweni zayo.
“Empeleni akasajabule ukuhlala kule kilabhu, uselinde kuphele isizini bese efaka isicelo sokukhululwa,’’ kusho lo mthombo odonse ngendlebe leli phephandaba ukuba lingalidaluli igama lawo.
Leli phephandaba lishayela lo mdlali ngalolu daba wale waphetha ukuphawula ngalo wathi alikhulume nabaphathi bakhe okuyiProsport International.
Leli phephandaba lishayela uMfundo Mathonsi wakwaProsport International ngalolu daba uthe:
“Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolu daba ngizokhuluma ngalo uma sekudlule i-lockdown,’’ kusho yena.