Usefuna ukulandelaamaBhakaniyainkanyezi yesibili

246

‘Uma ngiya emqhudelwaneni, ngiya ngenhloso yokuwunqoba’

SENZO SOKHELA
UFUNA ukulandela i-Orlando Pirates inkanyezi yesibili yeCaf Champions League umqeqeshi wale kilabhu odabuka eSpain, uJose Riveiro. IPirates ilifezile iphupho layo lokuba yingxenye yalo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika emuva kokuba ilale isibili kwi-log yeDStv Premiership. Lo mqeqeshi wayelimise ngesihloko elokuthu noma kanjani ngesizini ezayo ufuna ezakhe zidlale kwiCaf. Manje uthi usefuna ukuqinisekisa ukuthi le kilabhu iyawunqoba lo mqhudelwano. Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs igcine ukunqoba iChampions League ngo-1995. “Iphupho lethu lifezekile manje. Manje sifuna ukuhamba size sifinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano weChampions League, futhi siwunqobe.


“Abantu mabangadidiswa wubuso bami, ngingumuntu ohlale ephokophelela izinto ezinkulu. “Uma ngiya emqhudelwaneni, ngiya kuwona ngenhloso yokuwunqoba. “Siyazi ukuthi siyobhekana nokuhamba amabanga amade, sibhekane nezimbangi ezinzima, kube yizinqumo ezingavuni thina ezivela konondweba. “Ngumqhudelwano onzima lona, lokho angikungabazi. “IMamelodi Sundowns yenze umsebenzi omuhle kule sizini, isitshengisile ukuthi kuyenzeka futhi namakilabhu aseNingizimu Afrika ayakwazi ukumelana nobunzima balo mqhudelwano. “Noma kanjani siyolwela ukuwunqoba,” kusho uRiveiro.

Previous articleUmbango wesidumbuubhuntshiseumngcwabo
Next articleAhlela umhlanganoamakhosi angeneme