Usefuna ukushiya oyifenisha kwiBucs

182

Kuthiwa kunamakilabhu amabili amfunayo ePortugal

SENZO SOKHELA

UJUSTIN Shonga osefuna ukushiya i-Orlando Pirates.  ~ BACKPAGEPIX

USEFUNA ukuhamba kwi-Orlando Pirates uJustin Shonga waseZambia ongumgadli wayo okuvela ukuthi akasajabule neze ngokuba kule kilabhu.

UShonga (23) ujoyine iBucs ngo-2017 esuka kwiNkwazi FC yangakubo. Ufike kwiBucs ethembisa kodwa yaya ngokwehla ifomu yakhe. Selokhu kufike umqeqeshi omusha uJosef Zinnbauer waseGermany ngoZibandlela (December) nyakenye, usizwa ngendaba isikimu.

NakwiBio Bubble ubengekho njengoba engavunyelwanga ukungena ngenxa yokwephula imithetho yeCovid-19. Ubexoshwe noThembinkosi Lorch kwiBubble kodwa uLorch wabuyiselwa emuva kwezinsukwana, yena waqhubeka nokuhlala ekhaya. Leli phephandaba lithole ukuthi lo mdlali akasazimisele ngokuhlala kwiBucs, usenele ukuba kuyona.

Kuthiwa usemazisile umphathi wakhe omusha uKarabo Mathang kodwa udaba lwakhe ubengakaludluliseli ezikhulwini zeBucs.

“UShonga ufuna ukuhamba kwiBucs ngoba uyabona ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi. Akhona amakilabhu amfunayo ePortugal, kunamabili nje aseke athinta umphathi wakhe. Kodwa-ke noma angeze athanda ukuba kwiBucs ukhiye wokuhamba kwakhe ulele kusihlalo wale kilabhu u-Irvin Khoza njengoba esanenkontileka neBucs,” kusho umthombo.

Leli phephandaba lishayela uMathang, uthe: “Okwamanje kakukho engingakusho ngodaba lukaShonga, silinde iPirates ukuthi kube yiyona esiholayo ngesimo sakhe.”

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngesimo salo mdlali iphunzile njengoba izingcingo zakhe zombili bezingangeni.