Usegxile ekukhiqizeni imidlalo namafilimu umlingisi wodumo

274

LUCKY CAIN

AKAZIBONI ephinde elingisa emidlalweni kamabonakude ekhiqizwe ngabanye ngaphandle uma kungowakhe umlingisi osephendule umkhiqizi nomdidiyeli wemidlalo namafilimu uLungelo Dhladhla. ULungelo odabuka eNanda, usematheni kulezi zinsuku ngokuba ngomunye wabadidiyeli befilimu ezokhonjiswa kwiNetlflix ebizwa ngokuthi Soweto Blaze.

Uyaziwa ngokulingisa emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo uGugu no-Andile, Intersexions, Dream World neminye kanti sekunesikhathi agcina ukubonakala emidlalweni njengoba esegxile ekubeni wumdidiyeli wemidlalo namafilimu. Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uLungelo, uthe uyakuthokozela ukusebenza ngemuva kwekhamera njengoba kwakuvele kuyiyona into ayifundela esikhungweni semfundo ephakeme. “Empeleni ukungena kwami kulo mkhakha, ngangena ngizoba umuntu osebenza ngemuva ngase ngiba nenhlanhla yokuthi kube nezindawo engibizelwa kuzoba ngizozilingisa,” kusho uLungelo.

Uthi akakaze aye kokwenza inhlolokhono yokulingisa, kuzona zonke izindawo azilingisile kumabonakude ubesuke ebizelwe kuzona.
Utshele leli phephandaba ukuthi akasaziboni elingisa kumabonakude noma kumafilimu ngaphandle uma kuwumdlalo odidiyelwe nguyena. “Senganele ngesipiliyoni engisitholile ngokulingisa, inhloso yami enkulu wukuqhubeka nokukhula, ngikhiqize imidlalo namafilimu ethi mina. Iyona ndlela engizimisele ukukhula ngayo kulo mkhakha,” kuchaza yena.
Uthe uma kwenzeka ebonakala, kuzobe kuwumdalo okhiqizwe noma odidiyelwe nguyena. Uchaze ifilimu iSoweto Blaze njengezothokozelwa ngabantu abahlukene, iqukethe amahlaya nokushubisa. “Esikhathini esiningi uma kukhiqizwa amafilimu eMzanzi ahlezi enodlame nobugebengu. Lena yehlukile ngoba ilula futhi ingabukwa yinoma wubani. Iveza olunye uhlangothi abantu abazohleka uma belibuka,” kusho yena encoma ukuhlanganyela okube khona ngesikhathi kuhlanganiswa le filimu.

Uthe kunobuhle nobubi bako ukusebenzisana nabantu abahlukene uma kukhiqizwa ifilimu njengoba kwesinye isikhathi imimoya ibuye ingahambisani nokungagcina kuklapakela kuyona ingaphumi iyilento obekuhloswe ngayo. “Kwi-Soweto Blaze, sisebenze ngokubambisana, nami ngakuqonda obekudingakala kimina nabanye benza obekubhekwe kubona nokwenze kwaba kuhle ukusebenzisana,” kusho uLungelo. Uthe kuyamthokozisa ukuthi izinga lokuqopha amafilimu nemidlalo kamabonakude, selinyukile kuleli lafinyelela ezingeni lomhlaba.

“Inkinga esisabhekene nayo, wukuthola ibhajethi ehambisana namafilimu njengoba kusenzima ukuthi kungenelele nezinkampani ezizimele,” kusho le ntokazi.
Uthe okunye amatasa ngakho wukusebenzisana nezikhungo zama-TVET ngaphansi kwe-Africa Media Business Academy lapho eqeqesha khona abafundi ngalo mkhakha, ezamabhizinisi kuwona nokuxhumana nabezindaba nokumaketha.

ULungelo useke waqokwa waphinde wahlabana nendondo yeGolden Horn ngaphansi komunxa weBest Lead Actress in a Lead Role ngendawo kaGugu emdlalweni uGugu no-Andile, ungumsunguli nomnikazi wenkampani yokuqopha iMindset Concept ne-Africa Television Market

Previous articleZisale zingenabahlengikazi e-ICU iziguli esibhedlela saseKZN
Next articleUgaxele oqophe i-video ethuka uthishanhloko