Usegxile emsebenzini wobumeli owayengungqongqoshe

215

MTHOBISI SITHOLE

USEGXILE kwezobumeli uMnu Kwazi Mshengu owayengungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal. 

Ukusho lokhu emukelwa eNkantalo eNkulu yaseMgungundlovu emsebenzini wakhe omusha wokuba ngummeli wasemajajini (advocate) ngoLwesihlanu. 

Utshele leli phephandaba ukuthi akaziboni emukela noma ngabe yimuphi umsebenzi kahulumeni, usefuna ukuhlala azinze kwezobumeli. 

Uthi ukungena kuhulumeni kuphazamise okuningi emfundweni yakhe. Uveze ukuthi ngesikhathi ehoxiswa kwesokuba ngungqongqoshe, wathola ithuba lokubhekana nomsebenzi wakhe wesikole. 

Utshele leli phephandaba ukuthi nangesikhathi esebenza kuhulumeni, amafayela amaningi athinta ezomthetho, ayedlula kuyena. 

Uthe useyilona ilungu lokuqina le-ANC futhi uyalibamba iqhaza ezinhlelweni zayo. 

Ngokwemfundo uneMaster’s Degree kwezobumeli, ayithole e-University of KwaZulu-Natal; yiHonour’s Degree kwiPu-blic Policy and Development. Waqokwa waba ngungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal ngo-2019, wakhishwa nyakenye.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleBafuna “kuzitshwe” izikweletu zikagesi ukuvikela umatikuletsheni
Next articleIzingqwele zikamaskandi neqembu elisha