Isisulu sithi saze saphuphunyelwa yisisu umsolwa ehlale esimuhluza
SKHOSIPHI MTHEMBU
USEKUBHACENI owesifazane waseMnambithi okuthiwa uhlukunyezwa yilungu lombutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika, obeyisinqandamathe sakhe, omshaye waze wamsabisa ngokumbulala. Umndeni kaNkz Sinethemba Dlamini (34), usukhethe ukumbalekisa ayobhaca njengoba kubikwa ukuthi kunokufika abantu abangaziwa befuna yena, okwenze wasola ukuthi lokhu kumayelana nokubophisa kwakhe lona wesilisa ILANGA elinalo igama lakhe. Ngokuthola kwaleli phephandaba, ukuhlukunyezwa kukaNkz Dlamini ngumsolwa, yikhona okuholele ekugqashukeni kocu.
Esigamekweni sakamuva, kubikwa ukuthi umsolwa wephule umbandela wencwadi yesivimbelo njengoba kuthiwa ushiye angalazi kuNkz Dlamini phambi kwabantu ngesikhathi emfica kwadokotela. Akagcinanga lapho njengoba kubikwa ukuthi umshayile, wabe esemsabisa nangokuthi uzomyisa kwagoqanyawo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke umsolwa kade eqeda ukuvela enkantolo ngelinye icala avulelwe lona nguNkz Dlamini ngenxa yokumshaya. Ekhuluma neLANGA uNkz Dlamini, uthe akasakwazi okumele akwenze njengoba umsolwa esaqhubeka nokumhlukumeza yize kunecala asalihamba. Uthe wahlangana nalona wesilisa ngoMandulo (September) 2021, kwesinye isitolo khona eMnambithi, kwawukuqala kobudlelwano phakathi kwabo.
Uveze ukuthi waqala ukumhlukumeza ngesikhathi emvakashele eFree State, ngoMasingana (January) 2022, njengoba ebejutshwe khona ngokomsebenzi. “Ngelanga ngimvakashale okokuqala, ngasindiswa wukuthi wayazi ukuthi ekhaya banolwazi lokuthi ngivakashele yena.
“Kuhambe isikhathi ngakhulelwa ingane yakhe. Kunosuku lapho ngaya khona kudokotela ngiyobheka ukuthi ingane isesimeni esikahle yini, emuva kwalokho ngiye kuyena. “Ngithe ngifika nje, wangibuza ukuthi ukuphi ukhiye wemoto yakhe. Ngone ngokubuza ukuthi kunokuba angibuze ukuthi ngihambe kanjani kudokotela, yena ungibuza ukhiye wemoto, kwabe ngizithintele. Wangishaya ngezibhakela waze wangiklinya.
“Ngivule icala emaphoyiseni, ngenza nencwadi yesivimbelo senkantolo ukuze angasondeli eduze kwami. Ubengenandaba nayo ngoba ubesaqhubeka engithumelela imiqhafazo, engicela ukuba ngesule icala ngoba emsebenzini akasajutshwa ngaphandle ngenxa yecala.
“Indlela abengihlukumeza ngayo, ngize ngaphuphunyelwa yisisu. Ngenyanga edlule icala belingena enkantolo, wagibela ebhokisini lofakazi. Kunezinto ebengingeneme ngazo abezikhuluma eziphathelene nefayela lami likadokotela. “Ngiqede enkantolo ngaya kudokotela wami ngiyobuza ukuthi (umsolwa) ulithole kanjani ifayela lami ngoba lokho kuphakathi kwami naye (udokotela).
“Uvele watheleka, wangithuka phambi kwabantu engisabisa ngokuqeda ngami. Nakhona lapho ungishayile. Ngibikele amaphoyisa ngoba ubesephula umbandela wencwadi yesivimbelo,” esho. Utshele leli phephandaba ukuthi usekwamukele ukuthi lona wesilisa uzombulala ngoba akukho okubi angakwenzile kuyena njengoba sekuqale nokufika abantu abangaqondi bazibuzise into engekho. “Kuke kwafika umuntu engingamazi ekhaya wacela mina, ungibuze ukuthi ngiyidayisa ngamalini imoto yami, maqede wahamba. Lesi ngesinye sezizathu esenze ukuthi ekhaya bangibalekise ngoba bebona ukuthi kangiphephile,” kusho uNkz Dlamini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokusabisa, ukhona umsolwa onemi-nyaka ewu-35 oboshiwe, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLadysmith kusasa ngoLwesibili. Uphinde wakuqinisekisa ukuvulwa kwecala lokushaya, wathi umsolwa ubevelile kuyona le nkantolo mhla ka-24 kuMsingana (January), uzobuyela kuyona maduze.
skhom@ilanganews.co.za