Usekubhaceni uthisha osolwa ngokubandakanyeka ekuqothweni komndeni

1045

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUSOLWA uthisha wakwesinye sezikole ezisendaweni ngokubandakanyeka ekuqothweni komndeni waKwaMayise, eBasamlilo, oLundi, ngoMgqibelo ezintathakusa, lapho kubulawe khona izelamani ezingothisha ezintathu kanye nabazali bazo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo, lo thisha kuthiwa ugcwele amathafa njengoba kuthiwa usezwile ukuthi amaphoyisa ayamthungatha kulandela ukuthi edubule abulala abasolwa ababili ngoLwesibili ngokuqotha lo mndeni.

ILANGA libike kabanzi ngokubulawa kukaMnu Mandlenkosi Mayise (66), uNkk Delisile Mayise (63), uNkz Phemile Mayise (36) noNkz Bongathini Mayise (34) noPhindile Mayise (29). Ukubulawa kwalo mndeni kuqhubeke nokufaka itwetwe kumalungu omphakathi aseBasamlilo njengoba kuvele kunezigameko zokugobhoza kwegazi kuleya ndawo nazo okuthiwa kazaziwa ukuthi zisukela kuphi. Laba kungakapheli nesonto nje bebulewe, kuthiwa amaphoyisa abesethola umkhondo wabesilisa ababili abebesolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwalo mndeni. Imithombo ithi kuyavela ukuthi kunemibango ekhona ngaphakathi ezikoleni labo thisha abebefundisa kuzona.

“Kuvela ukuthi kukhona umbango obekhona ngaphakathi esikoleni noma kungaqondakali noma owezikhundla noma ngowani, kodwa kukhona ukungezwani okubekhona komunye wothisha bezikole okufundisa kuzona amadodakazi akwaMayise njengoba womathathu ebefundisa ezikoleni ezisendaweni. Kuyavela futhi ukuthi abazali bathelwe ngamachaphazelo, bekungaqondiwe bona,” kusho ILANGA libike ukuthi kusukela enyangeni edlule, kuthiwa bangaphezulu kweshumi abantu abese bebulawe kulesiya sigodi, lokhu sekuholele ekutheni abantu abaningi babaleke baye ekubhaceni, bashiye imizi yabo. ILANGA liphinde lahabula ukuthi izikole ezimbili eziseBasamlilo, lonke leli sonto kakufundwa kuzona ngoba abazali besaba ukuthi izingane ziye esikoleni kanti nothisha bayasaba ukuya esikoleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala, uthe uphiko lwamaphoyisa olubizwa nge-National Intervention Unit (NIU), bangenenele ukuyophenya ngodaba lokuqothwa kwalo mndeni, ngoLwesibili bathole imibiko yokuthi abasolwa bacashe esigodini saseNayini, KwaYanguye, eMelmoth.

“Amaphoyisa abe eselandela umkhondo lapho afice amadoda amabili angazange afune kuzwa lutho avulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni, nawo adubula. Abasolwa ababili bashonele khona lapho endaweni yesigameko, batholwe nezinhlamvu eziwu-24, omakhalekhukhwini abane, izibhamu ezihlukene okuhlanganisa i-shotgun, yisibhamu sokuzakhela, yi-pistol ne-revolver.
Uthi amaphoyisa aphansi phezulu alandela umkhondo womunye umsolwa othintekayo ngokuqothwa komndeni wakwaMayise.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleAbomculo we-gospel nokukhumbula owoKhozi
Next articleInkampani kashukela ikhiphe imifundaze kwabafundela ezolimo