UBaxter uthi abadlali baseku-30% walokhu akudingayo
PHILANI NCALANE
USEMKHULU umsebenzi osahlalele uStuart Baxter ongumqe-qeshi weKaizer Chiefs ebambane neTS Galaxy ngo-0-0 emdlalweni wokuvula weDStv Premiership izolo ngeSonto kusihlwa eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Lo mdlalo ubungenazo izi-wombe ezitheni ezethusayo. UBaxter ubalise ngezinqumo ebezithathwa ngabadlali bakhe nxa bephethe ibhola. Uthi aba-fana bakhe baku-30% nxa eba-qhathanisa nalokhu abadinga beyikhona. Lokhu-ke kuchaza ukuthi mkhulu kakhulu umsebenzi osamhlalele.
IChiefs ibibhekwe ngabomvu kulo mdlalo njengoba isanda kusayinisa abadlali abasha. Ngesizini edlule ishaye into ephansi kubonakala ukuthi isikwati sayo sizacile kwazise ibisadonsa isigwebo seFifa.
Kulo mdlalo iChiefs iqale ngoBruce Bvuma ezintini kanti ngeledlule bekuvimbe u-Itumeleng Khune ngesikhathi iwashi-swa ijezi yiMamelodi Sundo-wns emdlalweni we-quarter final yeMTN8.
U-Owen da Gama ocija iGa-laxy, uthi lisebenzile iqhinga labo lokwenza konke ukumelana neChiefs emoyeni. Uthi okunye okubasebenzele yiqhinga lokunqanda ukuhlupha kukaPhathutshedzo Nange amchaze njengobewuhlupho iChiefs ibhekene neSundowns.
Ubonge kakhulu abadlali bakhe ngokuzinikela kulo mdlalo ekubeni bebeqala ukudlala umdlalo omqoka kule si-zini.
Uthe sebebheke umdlalo olandelayo abazobhekana ku-wona neStellenbosch ngoLwe-sithathu ngo-17h00 eWestern Cape. IChiefs yona izogijimisa-na neBaroka ngosuku nangesi-khathi esifanayo eFNB Sta-dium, eGauteng.
* Umdanso wezikhulu zeRo-yal AM uphele kabuhlungu iguqiswa ngemizuzu yokugcina yi-Swallows FC ngo-1-0 wegoli eli-ngqofelwe enethini nguStrydom Wambi esikhathini somusa kanondweba emdlalweni wokuvula wala makilabhu weDStv Premiership izolo ntambama eDobsonville Stadium, eSoweto.
Izikhulu ze-AM bezidansa kulo mdlalo kucaca ukuthi isho phezulu injabulo yokufezeka kwephupho lokudlala kulesi sigaba.
* Isiyonke imiphumela ye-midlalo yeDStv Premiership imi kanje: TS Galaxy 0, Chiefs 0; Swallows 1, Royal AM 0; CT City 0, SuperSport 0; Baroka FC 2, Gallants 0; Arrows 2, Maritzburg 1; Sekhukhune 0, Chippa 1; Pirates 2, Stellenbosch 2; Sundowns 1, AmaZulu 0.