Uthi wakhokhela abeNduduzo Funeral Services u-R95 000 wamatshe awu-7 kodwa wanikwa elilodwa
MTHOBISI SITHOLE
UKHALA ezimathonsi ngenkampani yabangcwabi asola ukuthi imbambise amaqubu entenesha owesilisa waseMgungundlovu, othenge kuyona amatshe amathuna esikhumbuzo samalungu omndeni wakhe. UMnu Sbongiseni Memela utshele leli phephandaba ukuthi ngoZibandlela (December) ku-2021, uthenge amatshe awu-7 kwiNduduzo Funeral Services, okuyinkampani yabangcwabi yempunyela yakule ndawo edumile uMnu Themba Njilo. Uthi le nkampani uyikhokhele u-R95 000 okuthe sekusondele izinsuku zokuthi ayofakwa amatshe emathuneni, watshelwa ukuthi awekho asalungiswa, bamnikeza itshe elilodwa. Uveze ukuthi ukungafakwa kwala matshe, kuphoqe ukuba ayihlehlise imicimbi. Elibiza kunawo wonke beliwu-R35 000. Uthi unyaka wonke odlule ubelwa nokuthi afakelwe amatshe kodwa kwagcina kungenzekanga.
“Bekufanele ngifakelwe wona eMgungundlovu naseBulwer. Ngesikhathi ngiwakhokhela abazange bangitshele ukuthi awakalungi, kuthe uma sengiwafuna ukuthi bayongifakela bathi ngibanikeze isikhathi esincane kodwa imali bengibanikeze yonke. Engizibuza khona wukuthi bayithatheleni imali uma kuwukuthi amatshe awekho,” kusho uMnu Memela. Uthi izivumelwano zokudayiselana uzenze nenkosikazi kaMnu Njilo. Uthe emuva kokuba esebona ukuthi kukhona ukungathembeki kulesi sivumelwano, akabange esaluthola usizo, bezingasabanjwa izingcingo zakhe. “Naye ubaba uNjilo ngimbikelile, wathembisa ukuthi uzolusukumela udaba lwami. Laba bantu ngibanikeze imali yami yonke ngoba ngiyilungu lomasi ngcwabisane wabo, bengithembile ukuthi bazongenzela iqiniso,” kusho yena.
Uthi ukunganikezwa kwezimfanelo zakhe kuze kwa-mfaka ezikweletini, wangeniswa esibhedlela. Uveze nokuthi ngenxa yokuxakeka obese ku-mhlasele, ucele ukuba bamhlephulele ingxenye yemali esele ngakulo masingcwabisane. “Banginikeze u-R2000, nawo ongazange ungisize ngalutho. Sengihlukumezeke kakhulu ngale ndaba, iningi kabi le mali yami abangafuni nayo,” kusho yena. UNkk Thembisile Njilo weNduduzo Funeral Services, uvumile ukuthi bayalwazi lolu daba wathi baphazanyiswe yizimvula ukuba afakwe amatshe. Uthe bazimisele ukulungisa lesi simo ngokuthi kusukela kusasa ngoMsombuluko ayofakwa. “Amatshe akhona enziwe, sekusele ukuba ayofakwa ngoba kwaphazamisa izimvula,” kusho uNkk Njilo. mthobisis@ilanganews.co.za