usenkingeni owodumo kumabhokobhoko

646

USENKINGENI umdlali ozakhele udumo egijima kumaBhokobhoko njengoba kuvela ukuthi ushaye unogada waphinde wamucwasa ngokwebala. 

UJames Dalton (47) (osesithombeni) obengaconsi phansi kubathandi be-rugby ubhekene nengalo yomthetho njengoba evulelwe icala nguSimphiwe Mntunani ongunogada amsola ngokumshaya aphinde ambize ngenkawu emnyama esigamekweni okuvela ukuthi senzeke eHarbour View Building, eWoodstock, eKapa ngeledlule. 

UMntunani kuvela ukuthi usizwa nguFaranaaz Gaffoor oyikhansela le-EFF ukuba abophe lo mdlali.

Kune-video esabalele lapho kuvela khona uDalton engqubuza ngekhanda lo nogada.

Lo mdlali onqobe indebe yomhlaba namaBhokobhoko ngo-1995 uhlezi enamacala njengoba ngo-2017 eke wabhekana necala lokushaya, ukushayela budedengu nokugoloza ukuboshwa. 

Nyakenye uke wabonakala kwi-video exabana nonogada kwenye indawo yokudla eKapa. 

Kuvela ukuthi amaphoyisa ase-Kapa asaliphenya icala likaMntunani, kodwa bekungakaboshwa muntu. 

Previous articleLifiphele ikusasa lowodumo kwiBucs
Next articleakakafuni ukubuyela kubo owakuleli ose-spain