“USenzo noJason” bazobonakala emdlalweni owodwa

196

NONHLAKANIPHO SHINGA

ZIZOBONAKALA omdlalweni omusha, iCode 13 – ezodlala kuMzansi Magic ngo-20h00 kusukela mhla ka-14 kuMbasa (April) –  “izithandani” zeGenerations (endala) cishe emuva kweminyaka ewu-10 zagcina ukulingisa ndawonye. uThami Mngqolo owayedlala indawo kaSenzo noZolisa Xaluva owayenguJason, bazobonakala kulo mdlalo ovutshelwe ngabeSeriti Film, okhuluma ngenkohlakalo, ubugebengu nokushushumbiswa kwabantu ngendlela esezingeni eliphezulu. 

I-Code 13 ilandela impilo kaBheki Ndlovu (Xaluva), ongumphenyi wamacala okwaziyo ukulandelela icala kuze kube umenzi wokubi uyaboshwa, ikakhulukazi emacaleni anzima. 

UNdlovu usebenza nethimba elijutswe emsebenzini wokubamba izigebengu ezinzima, ezeqa ngesikhathi ziyiswa esitokisini ngemoto yamaphoyisa. 

Leli cala lenza umsebenzi wakhe ube nzima kakhulu, okwenza agcine engena enkohlakalweni eholela ekutheni azi ngezimfihlo zabantu abaphezulu. 

Ngaphandle kwalaba balingisi, kukhona noLunathi Mampofu, onguBongi Nkosi, ongumseshi, u-Aluve Mjalioudlala indawo kaMamba Moagi, okwazi ukuthola nanoma yiluphi ulwazi alufunayo ngobuchwepheshe, uPrimo Baloyi yena odlala ekaVeli “Veja” Mahlalanyane, kukhona noZikhona Bali odlala indawo ka-Azania, nguSaint Seseli ozodlala ekaPatric, kuthi uThami adlale ekaDkt Pitso. 

Previous articleUdutshulwe wabulawa ovulele umngani icala lokudlwengula
Next article“Kubhuntshe” owe-ANC wokuyoshweleza eSilweni ngesenzo sikaDuma