Usephila ngamaphilisi umsakazi woKhozi “oncelisa amawele”

437

LUCKY CAIN

USEPHILA ngamaphilisi okuvula iphimbo umsakazi woKhozi FM ongumculi we-gospel, uPhindi P (osesithombeni), osakaza uhlelo
lwasezintatha oluthi “Ngolibo Lokuqala”. Lo msakazi ungomunye wabaculi abaqokwe emcimbini weSABC Crown Gospel Awards ozokuba seFNB Stadium, eGoli mhla ka-26 kuLwezi (November). 

Kulo mcimbi uqokwe ngaphansi komunxa weBest Contemporary Song, ngengoma yakhe ayikhipha ngePhasika ethi, “Ngobambelela”. 

Ekhuluma neLANGA, uthe okumjabulisa kakhulu wukuthi uqokwe ngengoma
azibhalele yona. 

“Isikhathi esiningi ngiba nokuzingabaza ngasohlangothini lokubhalala izingoma kanti njengoba ingoma yami iqokiwe, lokho kunginika ugqozi lokulikhulisa ikhono lami lokubhala,” kusho yena. 

Uthe akulula ukuhlanganisa ukuba ngumsakazi nokuba ngumculi, ngoba iphimbo lakhe kalikutholi ukuphumula. 

“Ngihlale nginamaphilisi okuvula umphimbo ngoba uma ngicule kakhulu, ngibanenkinga uma sekumele ngiye emoyeni,” echaza. 

Uthi kwesinye isikhathi kuba  nemicimbi eminingi okumele aye kuyona, asuke kuyona ayosakaza. 

“Iphimbo yilona elingiphilisayo, ngakho uma ngingalinakeleli kungafana nokuthi kangisaphili,” kusho yena.

Mayelana nokuqokwa kwakhe, uthe uyajabula futhi uzimisele ngokuyinqoba le ndondo njengoba enza phambilini. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule wanqoba eyeBest Female Artist kuwona lomcimbi wezindondo. 

Uphethe ngokuveza ukuthi useliphonsile ithawula koweSA Radio Awards njengoba esezame kaningi ukungenela, kodwa engaqokwa. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleInkosi nomehlokaboni ka-R20 000 womkhondo wamasela emfuyo
Next articleUsatokile owadala ingozi ngeloli oPhongolo