TSEPO MOLEFE
USOLA ikhansela lakhe ngaphansi kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma ngokumbambisa isisila sehobhe owesifazane waKwaMadzikane, eCreighton, othi lamthembisa ukumkhulumela nethimba lezinhlekelele kwamasipala, ukuze limsize ngendlu yesikhashana ukuze afihle ikhanda, njengoba isimo salena ahlala kuyona sisibi. Uthi lahamba ijuba likaNowa kanti nezingcingo zalo kalisazibambi. UNkz Philile Majozi (35), ucela umSamariya olungileyo, ongamsiza ngokokufihla ikhanda njengoba indlu abehlala kuyona yabhidlika kwezinye izingxenye njengoba kade kuhlasele isimo sezulu esibi, esihambisana nemvula.
Uthe kade babezama ukuphahleka kwabazakha ngezingodo, kodwa kazihlali isikhathi eside ngoba umhlabathi wabo unomuhlwa oququda izingodo, indlu ivume phansi. Ekhuluma neLANGA uNkz Majozi, uthe usehlala komakhelwane emuva kokubhidlika kwendlu abehlala kuyona.
“Kangisebenzi into etheni njengoba ngisabambe esikoleni njengomsizi, nakhona inkontileka iyaphela ngenyanga ezayo. “Ukube nginawo amandla, ngabe ngiyayakha indlu ehloniphekile kodwa yiwona angekho. NgoZibandlela (December) ngilicelile ikhansela lethu, uMnu Mthobisi Dlamini ingakawi indlu, lasibona isimo, lathembisa ukuthinta ithimba lezinhlekelele kwamasipala, kwabe ngilixoshile.
“Inzima impilo kimina njengoba ngihlala emzini womuntu, nakhona ngiqubile, kangazi uma engathi useyayidinga indlu yakhe, ngingaphuma ngibheke kuphi,” kusho uNkz Majozi. Eziphendulela uMnu Dlamini, utshele ILANGA ukuthi akambalekele uNkz Majozi, ubesematasa nokuqokwa kwamalungu ekomidi lewadi. Uthe uyasazi isimo sakwaMajozi ngoba waya ukuyobona indlu ngoZibandlela nyakenye.
“Udaba lukaNkz Majozi selungene ngaphansi kukaSukuma Sakhe, kangangoba uma sekuqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu, nguyena ozohlomula kuqala. Akazitshiwe. “Baningana abasesimeni esifanayo nesakhe ewadini yethu, okumele sibasize ngokushesha,” kusho uMnu Dlamini. UNkz Samukelisiwe Sikhakhane osehhovisini lemenenja kaMasipala iDr Nkosazane Dlamini Zuma, uthembise ukuludlulisela ezinhlakeni ezifanele udaba lukaNkz Majozi. Uthembise ukubuyela kwiLANGA uma sekukhona okuphathekayo.