INTATHELI YELANGA
ISILOMO somlingisi esingaconsi kubathandi bezikaqedisizungu, u-Enhle Maphumulo, sivume okokuqala ngqa ukuthi liyagqashuka ifindo lomshado phakathi kwaso nesihlabani se-house music, uNkosinathi “DJ Black Coffee” Maphumulo, wodumo lokuwola izindondo ngokuklwe-bha amapuleti.
U-Enhle ufake isithombe-mnyakazo (video) ekhasini lakhe le-Instagram, wathi impela oku-bhalwe yiphephandaba lesiNgisi eliphuma kanye ngeSonto, iSunday World, kuyiqiniso. Ekhuluma kule video eyimizuzu emine, uthi yena noBlack Coffee bayadivosa.
Ngokwaleli phephandaba, u-Enhle usefake amaphepha edivosi waphinda wafakela
nodadewabo womyeni wakhe, uNkz Nomalanga Maphumulo, incwadi yesivimbelo senkantolo.
Kule video uthi lento esabalele emaphepheni ukuthi iyenzeka empilweni yakhe, iyenzeka ngempela, kodwa wacela ukushayiswa ngomoya mayelana nemibuzo nokuphathelene nayo ukuvikela abantwana babo.
“Le minyaka edlule ibe mide empilweni yami lapho bengizama ukuba yinkosikazi eqotho, eyeseka umyeni, inkosikazi enenhlonipho hhayi kumyeni wayo kuphela, kodwa kubona bonke abaseduze kwakhe.
Kube wunyaka onzima kodwa ngama, futhi namanje ngisamile.
“Isimo engidlula kusona kangisifiseli omunye umuntu, ngiyakholwa wukuthi umthetho uzobenza ubulungiswa ekusingatheni lolu daba,” kusho u-Enhle kule video, inkulumo yakhe
iphelezelwa yizinyembezi.
Uqhubeka acaphune emazwini ombhali waseNigeria, uChimamanda Ngozi Adichie, athi: “Sifundisa amantombazane ukuba angenzi izinto ngokukhululeka, sithi angaba nezifiso ezinhle aphumelele, kodwa hhayi kakhulu ngoba impumelelo yawo izowethusa amadoda.
“Umshado kufanele ube yindawo yokujabula, yothando nokwesekana kodwa kungani sifundisa abesifazane kuphela ngokuphathwa komshado bese abesilisa bangafundiswa lutho?” kusho u-Enhle.
Igoda ligqashuka nje, lezi zithandani bekusaphele iminyaka emibili kuphela zishadile.
Imizamo yokuthola uBlack Coffee ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni. Uthunyeleliwe umyalezo nangeWhatsApp, kodwa wangawuphendula.
editor@ilanganews.co.za