Usesitokisini umzali ohlasele umfundi (10) esikoleni

466

TSEPO MOLEFE

UMADOLONZIMA ukubuyela esikoleni abefunda kusona umfanyana (10) waseTaylor’s Halt, eMgungundlovu, okuthiwa uhlaselwe walinyazwa ngumzali womunye umfundi abedlalisana naye, okuthiwa udinwe wukubona ezinye izingane zihleka ingane yakhe ebigconwa. Kuthiwa lona wesifazane ukhwele ngenqindi nangezimpama esisulwini, waze wasihudula, salimala kanzima emadolweni.

Lesi sigameko okuthiwa senzeke mhla ka-17 kwephezulu uNcwaba (August), ngaphandle kwamagceke aKwaQanda Primary School, sekuphunywa esikoleni, sishiye abafundi bethukile. Abafundi babuyele esikoleni, bahlaba umkhosi kothisha mayelana nokushaywa kwalo mfundi. Kubizwe abezimo eziphuthumayo namaphoyisa aseTaylor’s Halt, isisulu saphuthunyiswa esibhedlela, umhlaseli wakhalelwa waboshwa.

Ekhuluma neLANGA unina wesisulu – ongeke adalulwe ukuvikela ingane yakhe – uthe kunzima nokulala kahle ebusuku enganeni selokhu ihlaseliwe. Uthe seyihlaselwa ngamaphupho amabi, iyakhala, izwakale icela uxolo. “Ngibuhlungu ngokwenzekile, ngoba kwayena lo oyihlaselile akakhombisanga ukuzisola ngesikhathi ngicela angichazele ngokwenzekile aze ashaye ingane yami, ayilimaze. Kuthe uma ngimbuza ukuthi uyilimazeleni ingane, wathi beyimthuka ngenhlamba esabekayo futhi ifuna ukumshaya naye.

“Iqiniso ngize ngalithola ngezingane ezichazile ukuthi laba bebedlalisana, ezinye zihleka, kanti umzali walena enye ingane uzosondela wabona eyakhe ihlekwa. Kuthiwa ubuze ukuthi ingane yakhe igconwa ngubani, zamkhombisa ezinye izingane, wakhwela kweyami ngenqindi wayihudula emgwaqweni. Sengibhekene nobunzima bokuthi ingane kayisafuni ukubuyela esikoleni. Othisha banqabile ukuba ngiyikhiphe, bethi izophazamiseka ngoba unyaka sewuyaphela. Sengithembe osonhlalakahle abazokhuluma nabafundi, babeluleke ngabakubone kwenzeka enganeni yami,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, ukugxekile okwenziwe ngumzali enganeni. “Kuyihlazo elikhulu futhi siyakugxeka ukuthi umzali enze into enje. Sizothumela esikutholile ehhovisini lomnyango wethu esifundeni saseMgungundlovu, ukuze lisihlanganisele umbiko ophelele ngalesi sigameko,” kusho yena.

UCol Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseTaylor’s Halt aphenya ngokushaya ngenhloso yokulimanza kanzima umfana oneminyaka ewu-10. Uthe kunowesifazane owaziwayo endaweni oboshiwe, obevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko odlule, icala lahlehliselwa umhla lulunye kuMandulo (September). Ummangalelwa usagcinwe esitokisini.

Prisoner in prison with handcuff
Previous articleIsivunguvungu sicishe sanyomfa owokubekwa kwenkosi
Next articleIshaqwe “ibuya enyangeni” inkosikazi kwelokufa kwephoyisa