USETHI KHUMU OBEKHULUMELA UHLANGOTHI LWASETHEMBEZINHLE

183
NGUMNU Nkululeko Mthethwa

TSEPO MOLEFE
UVUMA izidubulo zezinduku athi ubezithola ngokumela iqiniso ngebandla lamaNazaretha uMnu Nkululeko Mthethwa (45), othekhumu ngoLesihlanu ukukhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle, okuwumsebenzi abewenza kusukela ngoMbasa (April) ngo-2011. UMthethwa, ongowokuzalwa kwesaKwaMthethwa, eMpangeni, oshiye kulesi sikhundla ngoLwesihlanu, uthe umsebenzi wakhe ubungelula kwazise okunye abekuveza bekungehli kahle kwezinye zezingwevu zebandla lakwaShembe, ngoba ubemele “iqiniso” ngenqubo eyashiywa nguMqaliwendlela, uMphrofethi u-Isaiah Shembe. Engxoxweni abe nayo neLANGA, uMthethwa uthe ukholwa ukuthi ukube iNkosi uVela “Misebeyelanga” Shembe, yaseThembezinhle, ngabe isaphila ukuba kayizange ivume ukushiya umsebenzi wobuthisha eyayiphila ngawo, yazosebenzela ibandla.


Ukhale ngengcindezi le nkosi eyayibhekene nayo kusukela iqala ukuhola ibandla ngo-2011, kwazise kulapho kwaqubuka khona umsindo kwadaleka uqhekeko ebandleni, abanye beyichitha njengengafanele ukuhola ibandla laseBuhleni, befuna indodaba yeNkosi uVimbeni “Thingolwenkosazane” Shembe iNkosi Mduduzi “uNyazilwezulu”. Nokho uMthethwa uthe kayikho ingcindezi emphoqile ukuhoxa ukukhulumela ibandla, kodwa ubefuna ukunikeza ithuba umholi omusha, iNkosi uPhinda “uKukhanyakwelanga” ithuba lokuziqokela ithimba efisa ukusebenza nalo. Ubonge ukwemukelwa kahle kwencwadi yokwesula kwakhe, wathi usazoqhubeka nokuba yilungu lebandla. “Umsebenzi wokukhulumela ibandla bengiwenza ngothando, ngenxa yokholo, bengingatholi ngisho indibilishi ngalokho.


“Ngacelwa yiNkosi iMisebe ngo-2011 ukwelekelela ngokwazisa abantu ngokwenzekayo, kwazise ibandla laliphuma lingena ezinkantolo, kulungiswa udaba lombango ngofanelekile ukuba sesihlalweni. “INkosi iMisebe yanginxusa ukuba ngisondelane nabameli ukuze ngibe ngumkhulumeli webandla ngokuqhubekayo ezinkantolo. “Ngiyazi ukuthi okunye ebengikuphawula bekungehli kahle kwabanye abantu, ngoba mina bengiveza iqiniso ngobuNazaretha, abanye befuna ukuba licindezelwe ngenxa yokuthanda abaholi abathile kunebandla. “Ngingewukhohlwe unyaka wango-2013, ngibhikishelwa eNkantolo yeMantshi eMpangeni, kuhanjiswa incwadi yokuba ngidingiswe esizweni ngoba ngiyiphekula, ngifafaza amanga ngebandla laseBuhleni.


“Ngike ngaphilisa okwegundane ngilandelwa yizinkabi, kodwa ngaphunyuka ngoba bekungaziwa ukuthi ngihlalaphi, kwazise ngangiqashe indlu ndawana thize,” kusho uMthethwa. Uthe uyilungu lokuqina lamaNazaretha futhi wasebenza kakhulu neNkosi uThingo ngemuva kokusungula iNazareth Tertiary Student’s Association (Natesa) ngo-1997, ngenkathi esafunda eDurban University of Technology, eThekwini. “Ukuba ngusihlalo weNatesa kwangisondeza eduzane kweNkosi uThingo, ingitusa ngokusungula le nhlangano ngoba yaphenduka ikhaya lezingane zamaNazaretha ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Lokho kwenza nokuthi iNkosi iMisebeyelanga inginxuse ukuba ngikhulumele ibandla. “Ngavuma ngoba ngithanda ubuNazaretha, ngazi kahle ukuthi kangizukuthola lutho, lona ngumnikelo ebandleni.


“Ngiyakholelwa ebuholini bomholi omusha iNkosi ukuKhanya ukuthi buzolikhulisa ibandla. “Kozakwethu ebengisebenzisana nabo, bekhulumela ezinye izinhlangothi zebandla, ngifisa bazi ukuthi kanginaxa nabo. “Ngifisa nozongena kulesi sikhundla ebengisiphathisiweyo aqikelele ukuthi azokutshela abantu kuyiqiniso futhi kusezimfundisweni zoMphrofethi u-Isaiah Shembe.“Ngifisa amaNazaretha uma enokungaboni ngaso linye, izinto azilungise ngokukholwa, kuhlalwe phansi, kuthathwe izinqumo. “Okunye okungaphilisa ibandla wukuthi abantu batshelwe ngokubaluleka kokuhlonipha isihlalo kunokuthanda umuntu othile ngoba lokho kuyalibulala.”

Previous articleKUBATSHAZWE INHLONIPHO KUMNTWANA EGUBHA EWU -100
Next articleUshayana ngamakhanda owoshonele phesheya