INTATHELI YELANGA
SEKUHLEHLISELWE uMgqibelo ukutshalwa kweNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana waKwaPhindangene, obekubikwe ukuthi izofihlwa ngoLwesihlanu. Kubikwa ukuthi umndeni waKwaPhindangene unqume ukuqoka uMgqibelo ngenhloso yokwendlala inkundla ukuze izinhlelo zikahulumeni zenzeke kahle njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi uShenge uzotshalwa ngohlelo lokuqala lokuhlonishwa wuhulumeni. Kuvela lezi zinje, zisalokhu zitheleke njalo izinkumbi zabantu KwaPhindangene ukuyobhonga emswaneni ngokwedlula kweNkosi yakwaButhelezi, ebizwe ngoyisemkhulu ngoMgqibelo ekuseni. Enye yezingwevu zamalungu aseNdlunkulu kaZulu, uMntwana uPhilemon Zulu wakwaFihlinqindi, obehambisana nethimba laseNdlunkulu kaZulu ngoLwesine, uvukwe wumunyu, wehluleka wukuzibamba, wakhala mi.
“Niyokungixolela, ngikhalela inyama yami. Ngikhalela izingane zakhe, zafelwa ngunina – kuye kuthiwe intandane enhle ngumakhothwa ngunina. Ngikhalela izingane zomzala wami, kodwa ngiyabonga ngoba zimphathile. UPhumzile kade waqala ehamba naye esaphila,” kusho uMntwana waKwaFihlinqindi.
Phakathi kwamalungu aseNdlunkulu abekuleli thimba kubalwa uMntwana uMbonisi, uMntwana uVanana waKwaMinyamanzi, iNdlovukazi uMavis uMaZungu, iNdlovukazi uMaNtombela noNdlunkulu beSilo esesakhothama uGoodwill kaZwelithini (uMdlokombana).
Kusukela ngoMgqibelo kukhothame iNkosi yakwaButhelezi, baningi asebethelekile KwaPhindangene, okubalwa kubo nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal obebuholwa ngusihlalo wabo, uMnu Siboniso Duma noDkt Zweli Mkhize oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC.
Ngaphambi kokubekwa endlini yakhe yokugcina uShenge, kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo ezoba ngoLwesithathu ePrince Mangosuthu Regional Sports Complex, oNdini.