OweVDJ useyinyama ngebala lakheabezenyeza ngalo
Ayanda Buthelezi
IBALA la-khe eli-zothile selime-nze inta-ndokazi nenya-ma endimeni yezokukhangisa
uNayizolo Simelane (28) odonsa amehlo uma ese-nza adume nga-kho, koku-ngena saku-tshikiza, enyathela ngesinono sekati esteji noma kwi-ramp ekhangisa ngengqephu.
Nokho kakubanga lula kule ndoni ya-manzi edabuka oPhongolo, KwaShoba esigodini iNgwabi, elolonge ikhono layo kulo mkhakha eThekwini. Usizwe nawu-kwesekwa yizinhlaka ezifana neDurban Fashion Fair – okuwuphiko olubhekelela umkhakha wezemfashini nokukhangisa kumasipala weTheku.
Uthi udlule ebunzimeni, kushintsha isi-khumba nebala lakhe elagqungqa laba mnyama suce ngenxa yokugula. Kwaku-mele asamukele lesi simo, avuke azitha-the. Ebuzwa ukuthi uzoba yini yingxenye yabakhangisi kwiVodacom Durban July (VDJ) engempelasonto, kwazise usewubuso obejwayelekile kuyona, uthe uphuthe-lwe yithuba lokungenela ama-audition, yi-ngakho engeke akhangisele abasiki aba-dumile njengenjwayelo.
Nokho uthe uzobe ekhona emcimbini, ekhangisa kwi-promotion egxile kwi-theme ethi: “Celebrating African Warrior.” Le theme igxile emisikweni yamaqhawe na-maqhawekazi ase-Afrika, ukwelekelela eyakulo nyaka ethi: “African Stars.”
Uthi esakhula ubengenawo umcaba-ngo wokuba ngumkhangisi kodwa lo-kho kwashintsha efunda uGrade 9, eMagutshwa High, oPhongolo ngesi-khathi umzala wakhe emphoqa uku-ngenela umncintiswano wokumo-dela, agcina ngokudla ubhedu kuwona.
“Bengizenyeza kakhulu ngesi-khumba sami. Phela ngikhulele emakhaya singenakho ukuqo-nda ngokusinakekela, bengihlale ngiphihlike utwayi futhi sihlale somile.
“Bengingaziboni ngifane-lwe wukuba yimodeli ngoba bengicabanga ukuthi kumele kube ngabantu abasulekile, abangenasici – konke ebengi-ngesikhona.”
Ubonga ukuhlangana ne-ntombazane ethile kwesinye sezitolo eThekwini nayo eyi-modeli, eyambuza ukuthi nga-be ungumkhangisi yini. Uthi kwathi uma echaza isimo sakhe sesikhumba
nokuzenyeza kwakhe ngaso, nayo yaveza esayo imgqugquzela ukuba angazenyezi kodwa aphokophele.
Esikhathini esingengakanani wahla-ngana noDerrick Mhlongo we-Iindoni Models, amchaze njengengelosi embeke kuleli zinga asekulona manje.
“Wazinika isineke engingakaze ngisibone uDerrick engicathulisa, engifundisa ukuhamba esteji, ukubuka i-camera, uku-ngabi namahloni nokuzazi ukuthi uma ukwi-ramp wonke amehlo asuke ebheke kuwena ngakho kumele ube nokuzethe-mba nokunye okuningi. Ngiyilo Nayizolo ngenxa yakhe.”
Abaningi uNayizolo bamfanisa no-mkhangisi ongowokuzalwa eSudan kodwa ozinze phesheya, u-Alek Wek. Le ntokazi ithi iyazifela ngalo mkhangisi kangangoba inesifiso sokuhlangana naye ngelinye ilanga.
Yize eseneminyaka kule ndima angene kuyona ngo-2014, njengoba manje esesayi-ne ngaphansi kwe-iTNT Models, ugonyu-luke ngesimo esivuse umunyu ngokugula kwakhe okwacishe kwaphazamisa umsebenzi wakhe.
“Ngo-2016 ngagula, ngahlala izinyanga ezingu-5 esibhedlela, ngashintsha isikhu-mba saphaphatheka, nami ngangazazi ukuthi ngingubani. Lokho kwaphazamisa umsebenzi wami ngoba ngangingeke ngi-kwazi ukukhangisa. Ngaphuthelwa yimi-nyaka emibili, u-2016 no-2017, emsebenzini ngisabhekene nenselelo yokugula.
“NgangineTB ebulala amathambo ka-ngangoba ngesikhathi sengiluleme kwa-ngiphoqa ukuba ngingakhangisi imisiko edinga ngigqoke izicathulo eziphakeme. Ngenhlanhla ngesikhathi ngikhangisa kwiVDJ yangonyaka odlule umsiko enga-ngiwugqokile wawuhambisana nezimbadada, ngangaba nayo inkinga.”
Uthi yize ebengenalo ibala elikhanyayo kodwa ngesikhathi elulama ekuguleni ku-lapho ibala lakhe lishintshe kakhulu laba mnyama ngokwedlulele.
“Kwaqale kwaba nzima ukuzamukela kodwa lavele langenza ngaphenduka inta-ndokazi, langivulela imisebenzi eminingi yokukhangisa.”
Uphethe ngokuthi ungowesifazane onesibindi futhi ozifundise ukuzimela ngenxa yokuthi ukhuliswe ngugogo no-mkhulu, angakwazi ukulokhu ebatefela. ayandab@ilanganews.co.za