NONHLAKANIPHO SHINGA
ULALE ebaliwe unogada weMeya yaseMsinga, uMnu Mletheni Ndlovu, osolwa ngokubandakanyeka ekudutshulweni kubulawe ikhansela lalo masipala, uMnu Siyanda Magubane, ngoMandulo (September) nonyaka. UMnu Magubane wabulawa ehamba nozakwabo, uMnu Lungisani Ntuli. Ngokuthola kweLANGA, lo nogada kaMnu Ndlovu obe sematheni ngenyanga edlule eboshelwa udaba lwezibhamu zakhe okuthiwa bezisetshenziswa ngonogada bakhe ngokungekho emthethweni kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMsinga namhlanje ngoMsombuluko. UMnu Ndlovu ubesematheni ngesikhathi uMnu Ntuli esukuma emngcwabeni kaMnu Magubane ekhomba yena njengomuntu owabadubula.
Kwasuka esinamathambo kulo mngcwabo njengoba ababewuhambele bahlukana phakathi, nayo imeya yaziphendulela ithi kayazani nokubulawa kuka-Mnu Magubane.Kakuphelanga sikhathi esingakanani, kwashaqwa yona imeya nonogada bayo ababili abebesolwa ngokungabi nemvume yokuphatha izibhamu, imeya yona yasolwa ngokunikezela ngezibhamu zayo konogada bayo. UMnu Ndlovu wavela eNkantolo yeMantshi yaseMsinga, waphuma ngebheyili ka-R10 000, kwathi onogada bakhe okunguMnu Msawenkosi Lionel Malembe (46) no-Mnu Mvikeleni Mzolo (41) bona baphuma ngebheyili ka-R1 000 umuntu emunye.
Amakhansela abeboshwe nabo, okunguMnu Thokozani Sokhela noMnu Mhlawukeleni Sokhela, nawo aphuma ngebheyili ka-R1000 umuntu emunye. Wona asolwa ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokunikwa kwabo ibheyili, i-IFP okuyiyona ephethe uMasipala waseMsinga yaveza ukuthi inike uMnu Ndlovu ikhefu esikhundleni okuba yimeya kanjalo namakhansela nawo amiswa. Yaqoka uNkz Thenjiwe Busisiwe Mbatha oyisekela lemeya ukuba abambe kulesi sikhundla kwathi amawadi amabili abenganyelwe ngamakhansela akwaSokhela, abekwa ezandleni zikasomlomo.
UMnu Thami Ntuli ongusihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uthe kuyabajabulisa ukuthi kubekhona inqubekela phambili ngophenyo lwaleli cala ngokuthi kubekhona oboshwayo. “Siyethemba futhi ukuthi naye lona oboshiwe uma enesandla ngempela, uyoveza ukuthi wayethunywe ngubani uma wayethunyiwe, ukuze nabo labo ababemthumile baboshwe. Kuyajabulisa ukuthi kugcine kuboshwe umuntu esigamekweni ezinjengalesi ngoba uma kungaboshwa, izigilamkhuba zichanasa ngaphandle zingajezile,” kusho yena. Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uColonel Athlenda Mathe, uthe kabakakwazi ukuqinisekisa lesi sigameko njengoba uphenyo lusenziwa kuleli cala. Umthombo weLANGA osemaphoyiseni, ulipotshozele ukuthi impela unogada wemeya ubala izinsimbi esitokisini.