USimbine wehlulekile ukuthola indondo kwi-100m
Ugcine elale endaweni yesine.
MZWAMANDLA ZONDI
USEZOKHALELA kuma-Relay e-4x100m u-Akani Simbine ohluleke wancama ukungena nabokuqala abathathu kowamanqamu we-100m izolo ngeSonto emini kuma-Olympic Games aqhubeka eJapan.
USimbine uye kulo mqhudelwa-no eyimfivilithi ekuzuzeleni iNi-ngizimu Afrika indondo ebangeni lakhe kodwa waphoxa. Obekwenza athwalwe ngeqoma wukuthi une-ndondo yegolide ayithola kumaCommonwealth Games ebangeni elifanayo. Izinto ziqale ukunga-mvumi kahle kuseyimidlalo eya-ndulela owamanqamu lapho enge-ne khona unombolo 4 kodwa wafa-kwa kweyamanqamu yisikhathi asenzile u-9.90.
Lo msubathi usebheke ukubho-dlela kuma-relay ukuze akwazi ukubuya nendondo. Uye kulo mqhudelwano ehambela phezulu kulandela ukwenza irekhodi elisha lase-Afrika naseNingizimu Afrika ngokwehlukana, u-9.84 emasontweni amathathu edlule.
Ingqwele ye-100m kube nguLamont Jacobs wase-Italy ngesikha-thi esiwu-9.80. Ubebekwe ezithe-ndeni nguFred Kerly wase-United States of America (USA) kwathi uDe Grasse waseCanada walala isithathu. U-Akani ugcine engene endaweni yesine ngo-9.93.
Amathemba eNingizimu Afrika asekuWayde van Niekerk kwi-400m ozokube egijima owa-ndulela owamanqamu namuhla ngoMsombuluko ngo-13h00, bese kuba yiqembu le-4x400m, ele-4x100m neleMarathon. UWayde uyiqonda kahle ingcindezi ephezu kwakhe.
Kulindeleke ukuba anyuse ama-sokisi njengoba enza ngo-2016 ebu-ya nendondo yegolide ekubeni wa-yegijima emzileni onzima, u-lane 8.
Kuzokhumbuleka ukuthi selo-khu yamukelwa kwezemidlalo iNi-ngizimu Afrika ezokugijima kazikaze zibuye zilambatha kuma-Oly-mpics, zihlale ziba nomgijimi obu-ya nendondo. Umgijimi wokuqala owanqobela elakuleli indondo ngu-Elana Meyer owazuza isiliva kwi-10 000m ngo-1992 eSpain.
Emidlalweni yanonyaka batha-thu abagijimi abangakwazanga ukuba yingxenye yama-Olympics kodwa ababuya nezindondo ngo-2016 eBrazil. Laba bagijimi nguCaster Semenya omiswe yiWorld Athletics (WA), uSunette Viljoen ohlulekile ukwenza isikhathi no-Luvo Manyonga ogwetshwe imi-nyaka emine engazihlanganisi ne-zokugijima kulandela ukungatho-lakali ukuthi ukuziphi izinkalo ngesikhathi efunwa yilabo abahlola izidakamizwa.