UShabba nenselelo kwabakwaMotaung ngeChiefs

282

MFANAFUTHI NDLOVU

UPHONSELA inselelo umndeni wakwaMotaung ukuba uzinuke ama-khwapha ngokubhimba kohlelo kwiKaizer Chiefs ebeyidume ngokuwola izicoco phambilini uSiphiwe “Shabba” Tshabalala oyingwazi yale kilabhu. UShabba uthi kakumele umunwe ubhe-kiswe kubadlali beChiefs kuphela ngo-kubheda kwezinto kule kilabhu njengoba sekuphele amasizini awu-9 ingazinqobi izicoco kwiPremier Soccer League (PSL). 

Ekhuluma nabezindaba engxoxweni abenayo ngesikhathi esemkhankasweni weNedbank Cup – Ke Yona Ya Rona Cup – uthe abalandeli bamaKhosi kakumele babhekise iminwe kubadlali kuphela kepha nabaphathi kufanele bazinuke amakhwapha ngesimo sekilabhu.

JOHANNESBURG, SOUTH AFRICA – MARCH 03: Simphiwe Tshabalala of Kaizer Chiefs during the Absa Premiership match between Orlando Pirates and Kaizer Chiefs at FNB Stadium on March 03, 2018 in Johannesburg, South Africa. (Photo by Gallo Images)

Uthe kwaba kubi kakhulu ukuthi le kilabhu iwashiswe ijezi yiMilford FC – edlala kwiMotsepe Foundation Champion-ship – kwiLast 32 yeNedbank Cup. Ukhale ngokuthi inkinga enkulu ebhekene nabadlali beziMpofana, wukudlala ibhola eliyinhlakanhlaka, abangaguquki kulona. “Abadlali abaningi bamane behlelwa yifomu esikhaleni. Okubuhlungu kakubona kuphela abadlali ababhekana nosizi kepha nathi njengezingwazi, kuyezwela uma idlala kabi. Mina nje ngiba nenkinga yokuya enxanxatheleni yezitolo ngoba abalandeli basuke bezongibuza ngekilabhu. Sekuneminyaka emine ikilabhu idonsa kanzima kuyona yonke imidlalo. Kakudingi ukuthi uze usebenzise ubuchwepheshe ukuqagula izinkinga ezibhekene neChiefs. Lezi zinkinga zidinga ukuthi abaphathi ba-hlale phansi, babuke isimo futhi baqhamu-ke nesixazululo esiya phambili ngoba le nto izodala ukuncipha kwabalandeli ezinkundleni,” esho.

Uthe uyazi ukuthi ebholeni sikhona isikhathi lapho ikilabhu ingenzi kahle khona.

Uphethe ngokunxusa abadlali ukuzibhe-kelela ngokubeka imali besadlala ngoba kubi abakubonayo komabonakude kokwe-swela imali kwabadlali bakudala ekubeni balithola ithuba, badlala ngalo isikhathi sisekhona. 

Previous articleKucasule umphakathi ukudedelwa kosolwa ngokubulala
Next articleBafuna ukwengeza abameli uma bebuyiselwa kuleli abasolwa koluka-AKA