USHAQISWE YISICELO SOKUTHUNGELA INGONYAMA

366

Umsiki wengqephu uNkk Ngubane uthi ucashe ngesithupha kwaze kwaba kabili ngoba esaba ukwenza okungeyikho

UNKK Dudu Ngubane ongumnikazi we-DU Confidance Designs, okujutshwe ukuba athungele iSilo uMisuzulu ibhade elibukhwebezane ebesiligqoke kuvulwa
isiShayamthetho saKwa- Zulu-Natal

NONHLAKANIPHO SHINGA

UMSIKI wengqephu wase-Thekwini, uNkk Dudu Ngubane uMaZondi (43), ongumnikazi we-DU Confidance Designs, uthi akakholwanga ngesikhathi ethola ucingo, ecelwa ukuba athungele iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ibhande abeligqoke ngaphezu kwesudi ngesikhathi siyovula ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngoLwesine. Le ntokazi ithi iqale yacasha ngesithupha kwaze kwakabili ngemuva kokuthola isicelo ebesiphuma kwabasebenza ehhovisi leNgonyama, ngoba ithi ibisaba ukuthi izophoxa yenze okungekhona. “Ngibe sengithola ucingo bengichazela ukuthi bafuna into enjani, ngagcina ngivumile ngazitshela ukuthi ngizosheshe ngiliqede leli bhade yikhona bezolibona kusenesikhathi, ukuthi yikhona abakufunayo, ukuze mangingenzanga kahle ngilenze kabusha.

“Ngizitshele ukuthi uma kungekhona lokho abakufunayo, ngizofunda ephutheni ebengizobe ngilenzile bese ngenza okuyikho, ngibonile ukuthi ukusaba ngeke kungisize,” kusho uNkk Ngubane. Uthi namanje akakholwa ukuthi kungani kukhethwe yena, kunabasiki bengqephu abaningi kangaka kodwa lokhu uthi ubona kuyisibusiso esikhulu kuye nasebhizinisini lakhe imbala. UNkk Ngubane ungowokuzalwa eMgungundlovu kodwa usezinze e-Adams, usebenzela eMkhumbane, eMayville, eThekwini. Uthi ngoMsombuluko kufike abasehhovisi leSilo bezomchazela ukuthi ibhade kumele libe njani, bamkhombisa nezithombe. “Ngalelo langa silale sesikuhlanganisile konke obekudingeka, indwangu seyikhona kanti ukulenza kuthathe amahora kwenzeke ngendlela. Ngiwenze aba mabili ngezindwangu ezahlukene ngenzela ukuthi bakwazi ukukhetha,” kusho yena.


Leli bhande elingumbala obukhwebezane (purple), iSilo uMisuzulu ka-Zwelithini beliligqoke okokuqala ngqa selokhu sathatha ubukhosi. Kakucaci-ke ukuthi leli bhade sizoligqoka njalo yini noma sizoligqoka uma kunemicimbi ethile kuphela. ILANGA LangeSonto lilibonile leli elinye lesibili elibhalwe ukuthi “ISILO”, lase liba nophawu (emblem) lwase-Ndlunkulu. Libe seliba nokusagolide okulenga emaceleni. UNkk Ngubane utshele leli phephandaba ukuthi akazanga nokuthi abize malini uma kuthiwa makasho ukuthi uzodinga malini ngalo msebenzi. “Ngingasikhokhisa kanjani nje iSilo sami. Ngivele ngathi ngiyothatha lokho abanginika khona. Ngijabulele ithuba elingandele bani engilitholile nenginethemba ukuthi lizongivulela amathuba amaningi nezibusiso,” kusho yena. Uthi ube nokuziqhenya okuyisimanga esebona iNgonyama kaZulu, ingena igqoke umsebenzi wezandla zakhe.


“Lowo kuwumlando oyotshelwa ngisho isizukulwane sami ukuthi ngake ngenza umsebenzi obaluleke kangaka. Ngibonga kakhulu ezisebenzini zami ezingesekayo, umndeni wami kanye nasemakhasimendeni ami ngoba kwalaba baseNdlunkulu baze ngami ngoba kukhona owake wathenga umkhiqizo wami abe esebatshela ngami,” kusho yena. nonhlakaniphos@ilanganews. co.za amane, bengifuna ukuqinisekisa ukuthi konke

Previous articleKukhonye amaKhosi kowomkhaya baseSoweto
Next articleKudutshulwe kwabulawa obekhulelwe amawele