NONHLAKANIPHO SHINGA
USHAQWE esikoleni efundisa uthisha wakwesinye sezikole ezidume ngokwenza kahle KwaZulu-Natal, osolwa ngokunukubeza umfundi abemgibelise emotweni yakhe ephuma eMkhosini woMhlanga obungempelasonto esiGodlweni
eNyokeni, KwaNongoma.
Lo thisha okulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe, ufundisa eBizimali High School, eNkandla, engesinye sezikole ezihlonishwayo njengoba ijwayele ukukhiqiza abafundi abaphumelela ngamalengiso kumatikuletsheni.
Ngokuthola kweLANGA, lo mfundi ofunda kulesi sikole (17), (esiligodlile igama lakhe
ukumvikela), ubuye eMkhosini woMhlanga ngeSonto emini, wafikela edolobheli eGreytown, ezodlulela eNkandla.
Ngokusho kukayise wesisulu, ubone isikhathi, wafonela lo thisha (umsolwa) abajwayelene naye, ukuba amthathele
indodakazi yakhe kuleli dolobha, ahambe nayo njengoba nayo ibiya eNkandla, kwazise ihlala khona ukusondelela isikole.
“Uvume ngokukhulu ukungabi nankinga, wathi uzoyithatha.
“Kangesabanga ukumcela ngoba sikhule ndawonye, futhi nezingane zami uyazazi.
“NangoLwesihlanu olwedlule zazigitshezwe nguye zibuya
esikoleni, bengingalindele ukuthi angenza okubi,” kusho uyise wesisulu.
Uthi wethuke woma efonelwa
yindodakazi yakhe phakathi kwamabili, imtshela ukuthi
kukhona okubi osekuyehlele.
“Ngifonelwe yinombolo
engingayazi, kunezingane ezithi indodakazi yami ingene nezicabha ibaleka, isinukubezwe ngumsolwa,” esho.
Ngemvume yomzali, ILANGAlikhulumile nesisulu esithe umsolwa ucela siphelezele
siyomsiza ukumaka amaphepha ezivivinyo abezibhalwe ngabafundi bakhe.
“Ngithe kangazi lutho ngalesi
sifundo asifundisayo.
“Ube esethi ucela ukuqala endlini yakhe ayobeka izikhwama ngaphambi kokuba ayoshiya mina.
“Sifike lapho ehlala khona wehla wayobeka isikhwama.
“Ube esebuyela emotweni wathi kunesinye esisalile, ucela ngimgijimele ngiyosibeka endlini yakhe.
“Ngithe ngingena ngibeka isikhwama, ngaphenduka eseme ngemuva kwami, wavala umnyango wanginukubeza,” kusho isisulu.
Sithi eseqedile ukusinukubeza, wenqabile ukusidedela, wathi ngeke asidedele ungakabuyi ugesi.
Kuthe kubuya ugesi, ngenkathi esagqoka umsolwa, isisulu sadlubulundela, sabaleka
sayongena komunye umuzi obude buduze nalapho bebekhona.
“Ngisizwe yilabo bafundi abanginike ucingo, ngakwazi ukufonela ekhaya ngibabikele,” kusho isisulu.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umsolwa uboshwe esesikoleni ngoMsombuluko ngemuva kokuba kuvulwe icala lokunukubeza.
“Ngidumele kakhulu ngalesi senzo ngoba ngisho ezibongweni zethu (nomsolwa) kunokuhlobana.
“Uyefana nokuthi unguninalume kuzona izingane futhi ungumuntu esazanayo naye.
“Kuyimanje ingane kayiyile esikoleni ngoba isakhungathekile yilesi sigameko,” kusho uyise wesisulu.
Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umsolwa uvulelwe icala lokudlwengula.
“Icala liphenywa ngamaphoyisa aseKhombe, umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze,” kusho yena.
Eminye imithombo yaleli phephandaba, engaphakathi kulesi sikole, ilihlebele
ukuthi uthisha lona ushaqwe
ngamaphoyisa kubuka abafundi.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za