Ushaqwe nezinkabi “obeyobulala” umnakwabo

753

NONHLAKANIPHO SHINGA

INHLANZI ishelwe ngamanzi kowesifazane (30) waseThekwini oshaqwe ngamaphoyisa ehamba nezinkabi ezine abeziqashele ukuyobulala umnakwabo ommise kabi endodeni, ohlala eNtabamhlophe, eMtshezi. 

 Lezi zinkabi ezibhadanywe ngeSonto ebusuku ngamaphoyisa – ophiko oluqapha uthuthuva emphakathini waseMooi River –  zigcine “zicula” ngohambo lwazo emaphoyiseni.

 Ngokuthola kwaleli phephandaba, laba babanjwa nje, bebebuya ukuyokwenza umsebenzi, kodwa bafike babulala ngephutha owesifazane oneminyaka ewu-63, ongunina walona abebemfuna. 

“Lona wesifazane uhambe nazo (izinkabi) kuyiwa eNtabamhlophe, okuyilapho kufike kwenziwa khona umsebenzi wokubulala. Lona ezimbulele ushonele khona lapho,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda. 

Kuvela ukuthi ngesikhathi beshaqwa ngabakwasidlodlo, omunye wabo ubenamachaphazelo egazi ezingutsheni zakhe. 

“Babanjwe nesibhamu ebesinezinhlamvu ezintathu phakathi, okuthe besaboshwa ngokutholakala naso, kwatheleka amaphoyisa aseNtabamhlophe abebajaha ngokusizwa ngamalungu omphakathi. 

“Kugcine kufika amaphoyisa namalungu omphakathi baqinisekisa ukuthi yibona laba ababulale lona wesifazane oneminyaka ewu-63,” kusho uNetshiunda.

ILANGA lithole ukuthi omunye wabasolwa uyinkabi engumakadebona, osekunesikhathi eside ifunwa ngamaphoyisa. Kuthiwa ngowaKwaMaphumulo, uphinde ahlale ehhostela laKwaMashu naseMlazi. 

“Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-32 kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngamacala okubulala,” kusho uCol Netshuinda.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleKugqugquzelwe ubumbano emcimbini wamasiko
Next articleELAKUSASA