Uthumele umlayezo kunina ethi akukho ngisho isenti kule mali
THANDEKA NGOBESE
UDELE ikhaya washaya wachitha nesizumbulu semali yesitokofela sokudla ebibekwa kuyena
owesifazane waseLuwanda, nga-KwaMagoda, eRichmond, ngosuku obekufanele kuyothengwa ngalo ukudla.
UNkz Nokulunga Gwala (28), okuthiwa ushaye wachitha no-R93 600, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo njengoba kuthiwa ubaleke kubo mhla ka-7 kuZibandlela (December), obekufanele kuhlukaniswe ngawo.
Ngokuthola kweLANGA ngamalungu esitokofela, adinwe agane unwabu, athi ilungu ngalinye kwawu-18 abedlala, belikhipha u-R250 ngenyanga, obekuthi uma sekuphela unyaka uphelezelwe wu-R600 obekwenza igcine isiba wu-R3 600 ebikhokhwa ngonyaka.
Kukhona nabawu-24 abebedlala esokuthenga oncamnce abebekhokha u-R100 ngenyanga.
“Ngosuku obekuzocazwa ngalo, kukhona abambonile eyogibela, wabatshela ukuthi uyabuya kunendlela ephuthumayo ayithathayo usaya eMgungundlovu. Ubatshele ukuthi uzothi uma esebuya ngabo-10 ekuseni bese kuyothengwa.
“Kasizange sibone ukuthi kukhona okushaya amanzi. Selokhu saqala ukudlala eminyakeni emibili edlule ubesiphathele kahle imali yethu futhi uma sekufanele kucazwe, ubesenzela kahle. Siqale ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi sekuphakama ilanga, amalungu esekhuluma inkulumo engahlangani, amanye ethi uwatshelile ukuthi ngeke kucazwe
namhlanje ngoba lapha kuthengwa khona kuthiwe isitokwe kasikho. Amanye abethi uwatshele ukuthi kuzocazwa ngoMsombuluko ngoba usathatha uhambo.
“Uma simfonela, ucingo lwakhe belungasangeni. Siye kubo ngakusasa siyombuza kunina, wasitshela ukuthi naye akamazi ukuthi uphi njengoba ehambe wangabuya ngayizolo. Usitshele ukuthi uthumele umyalezo ebatshela ukuthi akabuyi, imali yesitokofela kayihlangani,” kusho leli lungu lesitokofela.
UNkz Zah Gwala, ongudadewabo kaNkz Gwala, utshele ILANGA ukuthi nabo bewumndeni kabamazi ukuthi ukuphi. Uthi selokhu ahamba kubo ngosuku okwakuzocazwa ngalo isitokofela, akafoni kanti nocingo uluvalile.
“Okusenza singayi ukuyovula icala emaphoyiseni ngokunyamalala kwakhe, wukuthi wathumela umqhafazo kumama emazisa ukuthi ngeke esabuya, udle imali yesitokofela.
Umama umbuzile ukuthi udle malini, uvele waphendula wathi kayikho ekhona koda wangasho ukuthi uthengeni ngayo.
“Uma sithi siyafona, ucingo lwakhe luhlala luvaliwe. Sikholwa wukuthi yinto ayenza ngamabomu le ngoba engafuni laba besitokofela bamthole. Umama naye ubedlala
kulesi sitokofela, ukudla nalapha ekhaya akukho, kasizange siyithenge igilosa yale nyanga, ngoba besazi vele ukuthi esontweni lesibili kuzofika ukudla kanti sekuzoba nje,” kusho uNkz Gwala.
UNkk Ziningi Mkhize naye oyilungu lesitokofela, uthi ikati lilele eziko kwamanje emndenini
wakhe.
“Nakuba ngizoyithola inyamana kulo Khisimusi, ngisizwe ngudadewethu othe mangiye kuyena uma sebecaza (esabo isitokofela) ngo-Lwesihlanu angiphe isijumba samaphoshini (enkukhu).
Ngiyayizonda le ntombazane kayizange isicabangele thina esiphila ngemali yempesheni,” kusho yena.
Amalungu alesi sitokofela athi amaphoyisa athe ngeke awavulele icala ngoba bebevumelene ngokunikezana imali. Athi amaphoyisa agcine ebuza kuwona ukuthi athi
mawambophe kanjani njengoba nawo ethi kawamazi ukuthi ukuphi futhi nenombolo yocingo lwakhe ingangeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amalungu esitokofela
mawabuyele kulesi siteshi abeyovula kusona icala atshele umphathisiteshi uma amaphoyisa engafuni ukuvula icala.
thandeka.ngobese@ilanganews.co.za