Ushaywe ngabazalwane washona “ontshontshe” iwayini lebandla

2011

NONHLAKANIPHO SHINGA

UYAVEVA yintukuthelo umndeni wowesilisa waseHammarsdale, entshonalanga yeTheku, emuva kokubulawa kwelungu lawo ngamakholwa elisola ngokuphuza iwayini lawo. UMnu Mkhawuleni Masondo onguninalume kamufi, uMnu Simphiwe Ngcobo (40), utshele ILANGA  ukuthi bakhathazekile ngendlela umshana wakhe abulawe ngayo ngoLwesine. Uthe noma ngabe kuthiwa ubesephutheni, kodwa ukuthi abulawe kakwehli kahle emndenini.

Leli phephandaba lithole ukuthi umufi usolwa ngokugqekeza ifasitela lebandla eliseduze nakubo, wantshontsha amabhodlela amathathu ewayini asetshe-nziswa uma abazalwane bemukela isidlo, wawaphuzela khona endlini yesonto maqede walala ekameleni lomunye wakulo muzi. Kuthiwa ekuvukeni kwakhe, untshontshe ubucwebe nokhiye wemoto ebeyisegcekeni, okuthe uma esezama ukweba imoto, wathelekelwa ngabazalwane abahlala egcekeni lebandla, bamshaya waze waphuma umphefumulo.

UMasondo uthe: “kuthiwa ubulale ifasitela wangena ngalo, wantshontsha amabhodlela ewayini wawaphuzela endlini yesonto, kanti uzoficwa wubuthongo ekuwona lo muzi okuthiwa uthe esevuka, wathatha izinto okungezona ezakhe.” Uthe bayakuqonda ukuthi akwenzile kakulungile, kodwa bekumele okungenani abizelwe amaphoyisa ukuze umthetho wenze umsebenzi wawo. Manje thina sesisele nenkinga  yengane ebulawe ngabazalwane,” kusho uMasondo.

Umthombo waleli phephandaba uthe amabhodlela ewayini abethengelwe ukuphuzwa enkonzweni yePhasika, okuyisikhathi okujwayele ukwamukelwa ngaso isidlo emabandleni amaningi.

ILANGA lithole ukuthi kuboshwe abasolwa abathathu ngalesi sigameko, kanti ababili ngumama nendodakazi yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabathathu ababekwe amacala okubulala, wathi baphume ngebheyili ngoLwesihlanu.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleAbazali mabanake izinto ezenziwa yizingane zabo zisakhula
Next articleUma usebenzisa ilungelo lakho, kakumele uhlukumeze omunye umuntu