LUCKY CAIN
KUSAZOTHATHA isikhathi ukuthi iNkosi Mangosuthu Buthelezi (esesithombeni) ibuyele emsebenzini wayo wansuku zonke nakuba isiphumile esibhedlela.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela umndeni wakwaButhelezi, uDkt Bhekuyise Buthelezi, emuva kokuvela kwezindaba zokuphuma kukaShenge esibhedlela.
“Njengoba esaqhubeka nokululamela ekhaya, akusho ukuthi uzobuyela emsebenzini wakhe ngokushesha.
“Sinxusa ukuba anikwe isikhathi esanele sokululama ngokugcwele ngaphambi kokuba abuyele emsebenzini wakhe,” kusho uDkt Buthelezi.
Ubonge izikhulu ezahlukene okubalwa kuzona iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMengameli Cyril Ramaphosa, umBhishobhi Thabo Makgoba, amakhosi, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa ngokweseka uMntwana waKwaPhindangene ngesikhathi esasesibhedlela.
Ubonge nemithandazo yabantu abehlukene baseNingizimu Afrika
nangaphandle, wathi iNkosi Buthelezi iphume esibhedlela ngenxa yale mitha-ndazo .
Ubonge nethimba lodokotela ebeliseduze kwayo (inkosi) kusukela ingena esibhedlela kuze kube iyakhishwa njengoba encoma umsebenzi omuhle eliwenzile ukuhlenga impilo yayo.
Uthe bewumndeni bazizwa bejabulile ngokudedelwa kwenhloko yekhaya esibhedlela.
UShenge wangeniswa esibhedlela emasontweni amathathu adlule emuva
kokuyohlolwa okujwayelekile, ekhala ngobuhlungu emhlane.
lucky.cain@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za