UShenge uzihleke usulu izimbangi zeSilo uMisuzulu

374

Ubonge izidalwa zaseNdlunkulu kaZulu ngokuvikela isihlalo

PHUMLANI GAMA noSKHOSIPHI MTHEMBU
UBONGE izidalwa zaseNdlunkulu kaZulu ngokuvikela isihlalo sobukhosi ukuba “singadliwa ngamanqe” abesifuna uthuli uNdunankulu kaZulu neSilo, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga ngoMgqibelo esiGodlweni saseNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo. Uthe sekuyiphupho ukuthi kumanje iNgonyama yamaZulu, uMisuzulu, ihleli ngokugcwele esihlalweni sayo phezu kokuba bekunabantu abebeshaya phansi ngonyawo bethi kwawona lo mcimbi ngeke ube yimpumelelo. Uthe balayekile umcimbi waphumelela, kanti omama abahlola izintombi nto bazilethe ngobuningi bazo.


“Kuyisifiso sami ukuthi uqine amandla Hlangalezwe. “Kufanele uhlale unakho ukuqonda ukuthi iSilo esebuzile sikhona lapha phakathi kwethu, sikubhekile futhi sibheke zonke izitha zakho. “Sibonga indlovukazi ekuzalayo Bayede, uMntwana kaSobhuza owasuka eSwazini wazogana iNgonyama wabuye wavuselela lo Mkhosi woMhlanga. “Namanje kangazi ukuthi bavelaphi abantu abaningi kangaka. Balayekile oSmakade, bebethi ngeke uphumelele lo mkhosi,” kusho uShenge. Weluleke izintombi nto ngokubaluleka kokuziqhelelanisa namankwebevu. “Ngiyacela zingane zami ukuba ningalinge niphuze utshwala. Nalabo asebebuqalile bangabe besaqhubeka. Kuyihlazo ukudakwa kowesifazane,” kusho uShenge kwachwaza inkundla.


ISilo sigqugquzele izintombi ukuba zifake (komakhalekhukhwini bazo) i-App ebhekele ukuphepha ebizwa nge-Eyerus, ewusizo kakhulu uma umuntu ebhekana nobungozi. Sithe kuyadumaza ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili ezigamekweni zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. “Kuyinto embi ukuthi isifundazwe sethu sihambe phambili entweni embi kanjena. Kunezinhlelo ezikhona ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, le App ingolunye lwazo, ngakhoke kumele nibe nayo. “Ngibacelile ukuba bafike bonke kulo mkhosi bagxumeke itende labo ukuze bezonazisa ngayo,” kusho iSilo. phumlani@ilanganews.co.za skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUmsubathi nohlelo olusha lokusiza abaswele
Next articleIndlamlenze iyaqhubeka nokumela elakuleli e-England